Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 61

:
Zulu - 2020
1 UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.
2 Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo,
3 ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.
4 Bayokwakha kabusha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezazidiliziwe, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo esezibe yincithakalo izizukulwane ngezizukulwane.
5 Abezizwe bayokuma beluse imihlambi yenu, abafokazi babe ngabalimi benu, nabaphathi bezivini zenu.
6 Kodwa nina niyakubizwa ngokuthi ningabaphristi bakaSimakade, kuyakuthiwa ngani niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.
7 Esikhundleni sehlazo lenu, niyakuphiwa ngokuphindiweyo; esikhundleni sokudumala, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo; bayakudla ifa ngokuphindiweyo ezweni lakubo, intokozo engunaphakade ibe ngeyabo.
8 “Mina Simakade ngithanda ubulungiswa, ngiyakuzonda ukuphanga nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze nabo isivumelwano esiphakade.
9 Abantwana babo bayakwaziwa phakathi kwezizwe, nezizukulwane zabo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayovuma ukuthi bayisizukulwane uSimakade asibusisile.”
10 Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.
11 Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengokuba insimu ihlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uSimakade iyokuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.