Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 60

:
Zulu - 2020
1 “Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.
2 Ngokuba ubumnyama buyakusibekela umhlaba, nesigayegaye abantu, kodwa uSimakade uyakuphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyobonakala phezu kwakho.
3 Izizwe ziyokuza namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.
4 “Phakamisa amehlo akho, ubone nxazonke; bonke bayaqoqana beza kuwe, amadodana akho ayovela endaweni ekude, namadodakazi akho ayofika ebelethwe.
5 Khona uyakukubona lokho, uchachambe yinjabulo; inhliziyo yakho igide, ithokoze, ngokuba ingcebo yasolwandle iyakulethwa kuwe, ingcebo yezizwe ize kuwe.
6 Ubuningi bamakameli buyakukusibekela, amakameli asemancane akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseShebha bayakuza, bethwele igolide nempepho, bememezele izindumiso zikaSimakade.
7 Yonke imihlambi eKedari iyoqoqelwa kuwe, nezinqama eNebhayothi ziyakukukhonza, ziyakukhuphukela e-althare lami ngokuthanda kwami; ngiyenze ibe yinhle indlu yodumo lwami.
8 “Ngobani laba abandiza njengefu, nanjengamajuba eya ezidlekeni zawo na?
9 Iziqhingi ziyakungilindela, imikhumbi yaseTharishishi iyoba ngeyokuqala ukuletha amadodana akho evela kude, ephethe isiliva negolide lawo, ekulethe egameni likaSimakade uNkulunkulu wakho, nakoNgcwele ka-Israyeli, okudumisile.
10 “Abezizwe bayakwakha izingange zakho, amakhosi abo akukhonze; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, manje sengiyakuhawukela ngomusa wami.
11 Amasango akho ayohlala evulekile, awayukuvalwa imini nobusuku, ukuze ingcebo yezizwe ilethwe kuwe, namakhosi azo eqhutshwa.
12 Ngokuba isizwe nombuso okungeke kukukhonze kuyophela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa nya.
13 “Inkazimulo yaseLebhanoni iyakuza kuwe, umsayiphuresi, ishoba nomkhoba konke kanyekanye, kuyohlobisa indawo yendlu yami engcwele, ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.
14 Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
15 “Nakuba bewushiyiwe, uzondwa, kungasekho muntu odabula kuwe; ngiyakukwenza ube yisivunulo saphakade, nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.
16 Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele emabeleni amakhosi; uyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.
17 Esikhundleni sethusi ngiyoletha igolide, esikhundleni sensimbi ngilethe isiliva; esikhundleni somuthi ngilethe ithusi, nasesikhundleni samatshe ngilethe insimbi. Ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho, nokulunga kube ngababusi bakho.
18 Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.
19 Ilanga alisayukuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayukukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.
20 Ilanga lakho alisayukushona, nenyanga yakho ayisayukufiphala, ngokuba uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.
21 Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo, badle ifa lezwe kuze kube phakade; igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.
22 Ingcosana iyakuba yinkulungwane, omncane abe yisizwe esinamandla; Mina nginguSimakade, ngiyokwenza sisheshe isikhathi sakho.”