Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 59

:
Zulu - 2020
1 Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.
2 Kodwa ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba anganizwa.
3 Izandla zenu zingcoliswe yigazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.
4 Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.
5 Bachamsele amaqanda ebululu, baluka ubulwembu besicabucabu; odla amaqanda abo uyokufa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.
6 Ubulwembu baso abuyukuba yingubo, abanakuzimboza ngalokho abakwenzileyo; imisebenzi yabo ingeyobubi nezenzo zendluzula zisezandleni zabo.
7 Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.
8 Indlela yokuthula abayazi, nobulungiswa abukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyizigwegwe, bonke abahamba ngazo abakwazi ukuthula.
9 Ngalokho ukwehlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; silindela ukukhanya simagange, kodwa sibona ubumnyama; silindela ukukhanya, kodwa sidukuza ebumnyameni.
10 Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe, yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini kungathi sekuhwalele; phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.
11 Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.
12 Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:
13 Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.
14 Ubulungiswa bubuyiselwe emuva, nokulunga kuma le kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abukwazi ukungena.
15 Iqiniso alikho; osuka ebubini uphenduka impango; uSimakade ukubonile lokho, kwakukubi emehlweni akhe ukuthi ubulungiswa babungekho.
16 Wabona ukuthi kwakungekho muntu, wamangala ukuthi kwakungekho onxusayo; ngakho-ke ingalo yakhe yamzuzela insindiso, nokulunga kwakhe kwamphasa.
17 Wembatha ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha; wazisonga ngokushisekela njengengubo.
18 Uyoziphindiselela kubo njengokwezenzo zabo, ulaka ezitheni zakhe, nenkokhelo efanele kwabamelene naye, nabaseziqhingini bayothola inkokhelo efanele izenzo zazo.
19 Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.
20 “Uyofika eZiyoni njengoMhlengi, nakulabo bakwaJakobe abaphenduke eziphambekweni,” kusho uSimakade.
21 “Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”