Isaiah 592020

1Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.

2Kodwa ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba anganizwa.

3Izandla zenu zingcoliswe yigazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.

4Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.

5Bachamsele amaqanda ebululu, baluka ubulwembu besicabucabu; odla amaqanda abo uyokufa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.

6Ubulwembu baso abuyukuba yingubo, abanakuzimboza ngalokho abakwenzileyo; imisebenzi yabo ingeyobubi nezenzo zendluzula zisezandleni zabo.

7Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.

8Indlela yokuthula abayazi, nobulungiswa abukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyizigwegwe, bonke abahamba ngazo abakwazi ukuthula.

9Ngalokho ukwehlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; silindela ukukhanya simagange, kodwa sibona ubumnyama; silindela ukukhanya, kodwa sidukuza ebumnyameni.

10Sidukuza sigudla udonga njengempumputhe, yebo, sidukuza siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini kungathi sekuhwalele; phakathi kwabaphilayo, sinjengabafileyo.

11Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.

12Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:

13Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.

14Ubulungiswa bubuyiselwe emuva, nokulunga kuma le kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abukwazi ukungena.

15Iqiniso alikho; osuka ebubini uphenduka impango; uSimakade ukubonile lokho, kwakukubi emehlweni akhe ukuthi ubulungiswa babungekho.

16Wabona ukuthi kwakungekho muntu, wamangala ukuthi kwakungekho onxusayo; ngakho-ke ingalo yakhe yamzuzela insindiso, nokulunga kwakhe kwamphasa.

17Wembatha ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha; wazisonga ngokushisekela njengengubo.

18Uyoziphindiselela kubo njengokwezenzo zabo, ulaka ezitheni zakhe, nenkokhelo efanele kwabamelene naye, nabaseziqhingini bayothola inkokhelo efanele izenzo zazo.

19Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.

20“Uyofika eZiyoni njengoMhlengi, nakulabo bakwaJakobe abaphenduke eziphambekweni,” kusho uSimakade.

21“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 59.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.