Isaiah 582020

1“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.

2Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, ngokungathi bayisizwe esenza ukulunga, esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso. Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulukulu.

3Bathi: ‘Sikuzileleni ukudla, ngoba awuboni na?’ ‘Sizithobeleni, ngoba awusinaki na?’ “Bhekani, ngosuku enizila ngalo, nenza enikuthandayo, nicindezele zonke izisebenzi zenu.

4Niyabona-ke, nizilela ukuphikisana, nokulwa, nokushaya ngenqindi yenkohlakalo. Lokhu kuzila enikwenza namuhla akwenzi ukuba izwi lenu lizwakale ezindaweni eziphakemeyo.

5Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?

6“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?

7Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?

8Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.

9Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi,

10unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini.

11USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.

12Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha incithakalo yezakhiwo zasemandulo; uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane, uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange, noMlungisi wemigwaqo ukuba kuhlalwe kukho.

13“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,

14khona uyakuzijabulisa kuSimakade, ngiyokukhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba udle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 58.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.