Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 57

:
Zulu - 2020
1 Olungileyo uyabhubha, akekho okubeka enhliziyweni lokho; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa enhlekeleleni,
2 angene ekuthuleni. Abahambe ngobuqotho bayophumula emibhedeni yabo.
3 “Sondelani nina madodana abahlola imihlola, nina nzalo yesiphingi neyesifebe.
4 Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;
5 nina enisha yizinkanuko phakathi kwemi-okhi, phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; enibulala abantwana ezigodini, phansi kwemifantu yamadwala na?
6 Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelelezi asesigodini; yiwona angawonkatho lwakho; nakuwo uthululele umnikelo wokuphuzwayo, wenza umnikelo wokusanhlamvu. Ngimelwe ukweneliswa yini ngalokho na?
7 Uwubekile umbhede wakho entabeni ende nephakemeyo, waphinde wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.
8 Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika, wangifulathela, wazembulela omunye kunami, wakhwela embhedeni wakho, wawandisa, wavumelana nabo, wayithanda imibhede yabo, wabuka ubuntu babo.
9 Waya kuMolokhi uphethe amafutha, wawandisa amakha akho. Wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo,
10 wakhathala ngenxa yobude bendlela, kodwa awuzange uthi: ‘Kuyize.’ Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.
11 “Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?
12 Mina ngiyakukudalula ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyukukusiza.
13 Lapho ukhala, iqoqo lezithombe zakho malikusindise phela; nokho umoya uzoziphephula zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa lowo ofuna ukuphephela kimi, uyakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”
14 Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, lungisani indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”
15 Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.
16 Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.
17 Ngathukuthela ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kodwa waqhubeka ehlubukela ezindleleni zenhliziyo yakhe.
18 Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngizakumhola, ngimbuyisele ukududuzeka, yena nabamlilelayo.
19 Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”
20 Ababi banjengolwandle olugubhayo, olungakwazi ukuthula, olumanzi alo akhipha udaka nobishi.
21 “Akukho ukuthula ezikhohlakalini,” kusho uNkulunkulu wami.