Isaiah 562020

1Usho kanje uSimakade, uthi: “Gcinani ubulungiswa, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

2Ubusisiwe umuntu oyokwenza lokhu, nendodana yomuntu eyobambelela kukho, oyogcina isabatha angalingcolisi, noyobamba isandla sakhe ukuba singenzi nayikuphi okubi.”

3Indodana yowezizwe ezihlanganise noSimakade mayingathi: “Impela uSimakade uyakungehlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”

4Usho kanje uSimakade, uthi: “Kubathenwa abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami;

5ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayukuphela.

6Nabezizwe abazihlanganisa noSimakade ukuba bamkhonze, nokulithanda igama likaSimakade ukuba babe yizinceku zakhe, zonke ezigcina isabatha, zingaloni, nezibambelela esivumelwaneni sami,

7yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka. Iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyokwamukeleka e-althare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi iyindlu yokukhuleka yezizwe zonke.”

8INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Ngisazoqoqela kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”

9Nina nonke zilwane zasendle, nani nonke zilwane zasehlathini, wozani nidle.

10Abalindi bakho bonke ngothi lwabo, bayizimpumputhe, abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha, balala baphuphe; bathanda ukozela.

11Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.

12Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 56.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.