Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 56

:
Zulu - 2020
1 Usho kanje uSimakade, uthi: “Gcinani ubulungiswa, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.
2 Ubusisiwe umuntu oyokwenza lokhu, nendodana yomuntu eyobambelela kukho, oyogcina isabatha angalingcolisi, noyobamba isandla sakhe ukuba singenzi nayikuphi okubi.”
3 Indodana yowezizwe ezihlanganise noSimakade mayingathi: “Impela uSimakade uyakungehlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”
4 Usho kanje uSimakade, uthi: “Kubathenwa abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami;
5 ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayukuphela.
6 Nabezizwe abazihlanganisa noSimakade ukuba bamkhonze, nokulithanda igama likaSimakade ukuba babe yizinceku zakhe, zonke ezigcina isabatha, zingaloni, nezibambelela esivumelwaneni sami,
7 yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka. Iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyokwamukeleka e-althare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi iyindlu yokukhuleka yezizwe zonke.”
8 INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Ngisazoqoqela kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”
9 Nina nonke zilwane zasendle, nani nonke zilwane zasehlathini, wozani nidle.
10 Abalindi bakho bonke ngothi lwabo, bayizimpumputhe, abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha, balala baphuphe; bathanda ukozela.
11 Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.
12 Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.