Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 4

:
Zulu - 2020
1 Ngalolo lusuku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bathi kuyo: “Sizozondla thina, sizembathise ngokwethu, kuphela nje masibizwe ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”
2 Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.
3 Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele,
4 lapho iNkosi isikukhucululile ukungcola kwamadodakazi aseZiyoni, yalihlanza igazi eliphakathi kweJerusalema ngomoya wokwehlulela nangomoya womlilo.
5 USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo.
6 Iyakuba ngumpheme nomthunzi ekushiseni kwemini, nesiphephelo nompheme esivunguvungwini nasemvuleni.