Isaiah 5
1 Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivunde kakhulu.
2 Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.
3 “Manje-ke, nina enakhe eJerusalema nani nonke kwaJuda, ake nehlulele phakathi kwami nesivini sami.
4 Yini esafanele ukwenziwa kuso engingayenzanga kuso na? Kungani ukuba ngithi ngilindele ukuthi sithele izithelo zomvini, sona sathela izithelo zasendle na?
5 Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.
6 Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”
7 Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.
8 Maye kini enihlanganisa indlu nendlu, ninezelele insimu kwenye, kuze kungabe kusaba bikho ndawo, ukuze kube yini nodwa enakhe emhlabeni!
9 USimakade Wamabandla wathi ezindlebeni zami: “Impela iningi lezindlu liyokuba yincithakalo, izindlu ezinkulu nezinhle kungabi namuntu ohlala kuzo.
10 Ngokuba ama-eka alishumi esivini ayakuthela ibhathi libe linye, ihomere lembewu lithele i-efa nje.”
11 Maye kulabo abavuka ekuseni bathungathe uphuzo olunamandla, balibale kuze kuhlwe, badakwe yiwayini!
12 Emadilini abo kukhona ihabhu, ugubhu, isigubhu, igekle newayini, kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade; kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.
13 Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.
14 Ngalokho indawo yabafileyo inwebe umphimbo wayo, yakhamisa umlomo ngokungenamkhawulo; abahloniphekileyo, nesixuku esixokozelayo, nabajabulayo phakathi kwabo, behlela kuyo.
15 Abantu bathotshisiwe, bonke behliselwe phansi; amehlo abazigqajayo ayothotshiswa,
16 uSimakade Wamabandla uphakeme ekwehluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ubonakalisile ubungcwele bakhe ngokulunga.
17 Izimvana ziyoklaba njengasemadlelweni azo, namazinyane adle encithakalweni yabacebileyo.
18 Maye kulabo abadonsa ukona ngezintambo zamanga, nezono kungathi ngamagoda ezinqola,
19 abathi: “Makaphangise, asheshise umsebenzi wakhe ukuze siwubone; malisondele, lifike icebo loNgcwele ka-Israyeli, ukuze sazi!”
20 Maye kulabo abathi okubi kuhle, nokuhle kubi, labo abathi ubumnyama kungukukhanya, nokukhanya kungubumnyama; abathi okubabayo kumtoti, nokumtoti kuyababa!
21 Maye kulabo abazibona behlakaniphile, nabazibona benokuqonda!
22 Maye kulabo abangamaqhawe ngokuphuza iwayini, nabanekhono lokuxuba uphuzo oludakisayo;
23 abavuna izikhohlakali ngenxa yenzuzo, bangabenzeli ubulungiswa abalungileyo!
24 Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
25 Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.
26 Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela, asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba; yebo, siyakuza ngokushesha.
27 Akukho noyedwa oyokhathala, akhubeke kuso; akekho oyokozela, alale; ibhande ezinkalo zabo aliyuqaqeka, nomchilo ezicathulweni zabo awuyukugqabuka,
28 abamicibisholo iloliwe, neminsalo yabo yonke insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakufaniswa nezensengetshe; namasondo abo, njengesivunguvungu.
29 Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyama; bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi; yebo, bayogwavuma, babambe impango yabo, bahambe nayo, kungekho ongayihlenga.
30 Ngalolo lusuku bayogwavuma phezu kwabo, njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, kuyobe kunesigayegaye sobumnyama, ukukhanya kuphenduke ubumnyama ngenxa yamafu.