Isaiah 3
1 Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:
2 amaqhawe namadoda empi, abehluleli nabaphrofethi, ababhuli namalunga,
3 izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo, abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo, nabanolwazi lokulumba.
4 Ngiyobeka abafana babe yizikhulu zabo; izingane zibabuse.
5 Abantu bayocindezelana; yilowo nalowo acindezele omunye, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe; izingane ziyokwedelela abadala, nabantukazana badelele izikhulu.
6 Umuntu uyobamba umfowabo abavela ndlini yinye kayise, athi: “Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho.”
7 Ngalolo lusuku uyodazuluka, athi: “Angiyukuba ngumelaphi, ngokuba akukho sinkwa nangubo endlini yami; ningangibeki umbusi wabantu.”
8 IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.
9 Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.
10 Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.
11 Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.
12 Abantu bami bacindezelwa yizingane, babuswa ngabesifazane. Bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; baphambanisa indlela eniziphatha ngayo.
13 USimakade umele isikhundla sakhe, ukuthetha icala, ehlulela izizwe.
14 USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.
15 Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
16 USimakade wathi: “Ngenxa yokuziphakamisa kwamadodakazi aseZiyoni, ahamba elule izintamo, ecwayizisa amehlo, eshayela phezulu, ekhencezisa amadavathi ezinyawo zawo;
17 ngenxa yalokho, iNkosi iyozenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseZiyoni; uSimakade uyowashiya eyizingengelezi.”
18 Ngalolo lusuku iNkosi iyosusa imihlobiso yawo: izigqizo, imiqhele, izimbedu ezinjengenyanga,
19 iziqhaza, amasongo, izimvakazi,
20 izigqoko, imihlobiso yemilenze, izibhamba, imifuma, iziqu,
21 izindandatho, amacici asemakhaleni,
22 izembatho zemikhosi, nezangaphezulu, amatshali, izinqalathi,
23 izibuko, ilineni elicolekileyo, imishuqulo, nezilwembu zokuhlonipha.
24 Esikhundleni samakha, kuyoba ngukubola; nasesikhundleni sebhande, kube yintambo; esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle, kube yimpandla; nasesikhundleni sesidiya, kube yisibhamba sendwangu eyisaka; nasesikhundleni sobuhle, kube yisishada.
25 Amadoda akho ayokuwa ngenkemba namaqhawe akini asale empini.
26 Amasango alo ayokhala, alile; liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.