1Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:
2amaqhawe namadoda empi, abehluleli nabaphrofethi, ababhuli namalunga,
3izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo, abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo, nabanolwazi lokulumba.
4Ngiyobeka abafana babe yizikhulu zabo; izingane zibabuse.
5Abantu bayocindezelana; yilowo nalowo acindezele omunye, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe; izingane ziyokwedelela abadala, nabantukazana badelele izikhulu.
6Umuntu uyobamba umfowabo abavela ndlini yinye kayise, athi: “Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho.”
7Ngalolo lusuku uyodazuluka, athi: “Angiyukuba ngumelaphi, ngokuba akukho sinkwa nangubo endlini yami; ningangibeki umbusi wabantu.”
8IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.
9Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.
10Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.
11Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.
12Abantu bami bacindezelwa yizingane, babuswa ngabesifazane. Bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; baphambanisa indlela eniziphatha ngayo.
13USimakade umele isikhundla sakhe, ukuthetha icala, ehlulela izizwe.
14USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.
15Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
16USimakade wathi: “Ngenxa yokuziphakamisa kwamadodakazi aseZiyoni, ahamba elule izintamo, ecwayizisa amehlo, eshayela phezulu, ekhencezisa amadavathi ezinyawo zawo;
17ngenxa yalokho, iNkosi iyozenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseZiyoni; uSimakade uyowashiya eyizingengelezi.”
18Ngalolo lusuku iNkosi iyosusa imihlobiso yawo: izigqizo, imiqhele, izimbedu ezinjengenyanga,
19iziqhaza, amasongo, izimvakazi,
20izigqoko, imihlobiso yemilenze, izibhamba, imifuma, iziqu,
21izindandatho, amacici asemakhaleni,
22izembatho zemikhosi, nezangaphezulu, amatshali, izinqalathi,
23izibuko, ilineni elicolekileyo, imishuqulo, nezilwembu zokuhlonipha.
24Esikhundleni samakha, kuyoba ngukubola; nasesikhundleni sebhande, kube yintambo; esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle, kube yimpandla; nasesikhundleni sesidiya, kube yisibhamba sendwangu eyisaka; nasesikhundleni sobuhle, kube yisishada.
25Amadoda akho ayokuwa ngenkemba namaqhawe akini asale empini.
26Amasango alo ayokhala, alile; liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.