Isaiah 2
1 Indaba eyabonwa ngu-Izaya, indodana ka-Amozi, maqondana noJuda neJerusalema.
2 Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.
3 Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.
4 Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.
5 Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade.
6 Ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngokuba isigcwele imikhuba yasempumalanga; sebengabalumbi njengamaFilisti, bamdibimunye nabantwana babezizwe.
7 Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, ingcebo yabo ayinakubalwa; izwe labo ligcwele amahhashi, izinqola zabo zempi azinakubalwa.
8 Izwe lakubo ligcwele izithombe ezibaziweyo; bakhothamela umsebenzi wezandla zabo, owenziwe yiminwe yabo.
9 Ngakho-ke bonke abantu bathotshisiwe, bonke behliswa isithunzi; ungabathetheleli.
10 Ngena edwaleni, ucashe othulini, ngenxa yokwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe.
11 Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.
12 Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;
13 amelane nayo yonke imisedari eLebhanoni ezidlayo nephakemeyo, nayo yonke imi-okhi eBhashani,
14 nazo zonke izintaba eziphakemeyo, nawo wonke amagquma aphakemeyo,
15 nayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, nazo zonke izingange eziqinisiweyo,
16 nemikhumbi yonke eTharishishi, nazo zonke izinto ezinxanelekayo.
17 Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.
18 Izithombe ezibaziweyo ziyoshabalala.
19 Abantu bayongena emigedeni esemadwaleni, nasemigodini emhlabathini, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ephakama ukuthuthumelisa umhlaba.
20 Ngalolo lusuku abantu bayozilahla ezimvukuzaneni nasemalulwaneni, izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bazikhonze.
21 Bayongena emihumeni esemadwaleni nasemifantwini yamawa, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ekhuphuka ukuthuthumelisa umhlaba.
22 Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo, ngokuba bayini nje nempela?