Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Isaiah 39

:
Zulu - 2020
1 Ngalesi sikhathi uMerodaki Bhaladani, indodana kaBhaladani inkosi yaseBhabhele, wathumela izithunywa kuHezekiya ziphethe izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula kodwa useluleme.
2 UHezekiya wazemukela, wayesezikhombisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, zonke izikhali zakhe, nakho konke okwakusendlini yokugcina ingcebo yakhe, akukho lutho esigodlweni sakhe nasembusweni wakhe angabakhombisanga khona.
3 Kwase kufika umphrofethi u-Izaya kuHezekiya, inkosi, wathi kuye: “Bebethini laba bantu; baphumaphi njengoba beze kuwe na?”
4 Waqhubeka, wathi: “Baboneni endlini yakho?” UHezekiya wathi: “Bakubone konke okusendlini yami; akukho lutho olusendlini yengcebo yami engingababonisanga khona.”
5 U-Izaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaSimakade Wamabandla.
6 Izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho, nalokho okhokho bakho abakugcinile kuze kube namuhla, kuyakuyiswa eBhabhele; akuyukusala lutho, kusho uSimakade.
7 Namanye amadodana akho oyakuwazala, ayakuthathwa abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.”
8 Wayesethi uHezekiya ku-Izaya: “Lihle izwi likaSimakade olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.”