Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 38

:
Zulu - 2020
1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wabangwa nezibi. Kwase kufika kuye umphrofethi u-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Lungisa izindaba zendlu yakho ngokuba uzokufa, ngeke uze usinde.’
2 UHezekiya waphendulela ubuso bakhe obondeni, wakhuleka kuSimakade,
3 wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wayesekhala umunyu.
4 Izwi likaSimakade lafika ku-Izaya, lathi:
5 “Hamba uye kuHezekiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizonezelela iminyaka eli-15 ezinsukwini zakho zokuphila.
6 Ngizokusindisa, wena nalo muzi, esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.
7 “Yilesi isibonakaliso esivela kuSimakade sokuthi uSimakade uzokwenza lokho akwethembisile kuwe.
8 Bheka, ngizokwenza isithunzi selanga sibuyele emuva izinyathelo ezilishumi ebelizehlile ezitebhisini zika-Ahazi.” Ngakho-ke ilanga labuyela emuva izinyathelo ezilishumi, ezinyathelweni elizehlileyo.
9 Ihubo likaHezekiya, inkosi yakwaJuda, emveni kokugula nokusinda kwakhe:
10 Ngathi: “Ngangiphakathi nempilo yami ngizongena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphucwe ingxenye yeminyaka yami.”
11 Ngathi: “Angiyukumbona uSimakade, uSimakade ezweni labaphilayo; angisayukubona muntu phakathi kwabakhileyo ezweni.
12 Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi njengethende lomelusi; Njengomaluki, ukuphila kwami ngakusonga, uyanginquma esalukweni, kusukela emini kuze kube sebusuku uyayiphelisa impilo yami.
13 Ngakhala ngifuna usizo kwaze kwasekuseni; uyawephula wonke amathambo ami njengengonyama; kusukela emini kuze kube sebusuku, uyayiqeda impilo yami.
14 Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”
15 Ngingathini na? Phela ukhulumile kimi, futhi ukwenzile yena. Ngiphelelwe ngubuthongo ngenxa yomunyu emphefumulweni wami.
16 Nkosi, abantu baphila ngalezi zinto, nokuphila komphefumulo wami kukuzo zonke lezi zinto; ngiphulukise, ungiphilise.
17 Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.
18 Ngokuba indawo yabafileyo ayinakukubonga, nokufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthembela ekulungeni kwakho.
19 Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; oyise bayabazisa abantwana ngokuthembeka kwakho.
20 USimakade uyakungisindisa; ngalokho siyakucula sisine zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaSimakade.
21 U-Izaya wayethe: “Mabathathe isigaxa samakhiwane basibeke ethumbeni, ukuze asinde.”
22 NoHezekiya wayethe: “Sibonakaliso sini sokuthi ngiyokwenyukela endlini kaSimakade na?”