Isaiah 402020

1Duduzani, nibaduduze abantu bami, kusho uNkulunkulu wenu.

2Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.

3Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele.

4Zonke izigodi ziyophakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.

5Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”

6Izwi lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemeza ngithini na?” Bonke abantu bangutshani, nabo bonke ubuhle babo bunjengembali yasendle.

7Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.

8Utshani buyabuna, imbali ivuthuluke, kodwa izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade.

9Khuphukela entabeni ephakemeyo, wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle. Phakamisa izwi lakho ngamandla, Jerusalema ophethe izindaba ezinhle; liphakamise ungesabi, yisho emizini yakwaJuda, uthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”

10Bhekani, iNkosi uSimakade iyeza ngamandla; izobusa ngengalo yayo; bhekani, umvuzo wayo uza nayo, nenkokhelo yayo iphambi kwayo.

11Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.

12Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngesikalo namagquma ngezisindo, na?

13Ngubani oqondise uMoya kaSimakade, wamfundisa, waba ngumeluleki wakhe na?

14Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda, wamfundisa indlela yobulungiswa, wamnika indlela yokwazi, wamazisa indlela yokuqonda na?

15Impela, izizwe zinjengethonsi esitsheni, zifana nothuli esikalini; uyakuphakamisa iziqhingi njengothuli olucolisekileyo.

16ILebhanoni alanele ukushisa, nezilwane ezikulo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.

17Zonke izizwe ziyinto engelutho phambi kwakhe, uzithatha njengento engelutho neyize.

18Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?

19Isithombe esibunjwe ngumbumbi, umkhandi wasinameka ngegolide, wasincibilikisela amaketanga esiliva na?

20Ompofu ukhetha ukhuni olungaboliyo anikele ngalo, bese efuna ingcweti yombazi ukuba imenzele isithombe esibaziweyo, esingenyakaziswe.

21Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga yini kwasekusekelweni komhlaba na?

22NguYena ohleli esiyingelezini somhlaba, abakhileyo kuwo banjengezintethe; nguyena oweneka izulu njengekhethini, alendlale njengethende ukuba kuhlalwe kulo;

23nguyena owenza izikhulu zibe yinto engelutho, abehluleli babe yize.

24Bathi besanda kutshalwa nje, beqeda nje ukuhlwanyelwa, nesiqu sabo singakagxiliswa izimpande emhlabathini, wabaphephetha, babuna, isivunguvungu sabasusa njengamabibi.

25“Ngubani eningamfanisa nami neningangilinganisa naye na?” kusho oNgcwele.

26Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.

27Ukhulumelani wena Jakobe, usholoni wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuSimakade, nelungelo lami akalinaki uNkulunkulu wami na?”

28Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

29Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla.

30Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa,

31kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 40.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.