Isaiah 342020

1Sondelani nina zizwe, nizwe, nina bantu, lalelani! Mawuzwe umhlaba nakho konke okuwugcwalisile makuzwe izwe nakho konke okuphuma kulo.

2Ngokuba uSimakade uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uzakuzibhubhisa, azinikele ukuba zibulawe.

3Ababuleweyo bazo bayakulahlwa ngaphandle, kwenyuke ukunuka kwezidumbu zabo, kuncibilike izintaba ngenxa yegazi labo.

4Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.

5Uma inkemba yami isidle yaneliswa ezulwini, iyokwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu engibamisele ukubabhubhisa ngesehlulelo.

6USimakade unenkemba; igcwele igazi, izinonisile ngamanoni egazi lezimvana nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uSimakade uyanikela umhlatshelo eseBhozira, uyazihlabela kakhulu kwa-Edomi.

7Izinyathi ziyokuwa kanye nabo, kuwe amavukana nezinkunzi ezinamandla. Izwe labo liyogcwala igazi, nothuli lwakhona lucifike amafutha.

8Ngokuba uSimakade unosuku lwempindiselo, unonyaka wempindiselo ngenxa yeZiyoni.

9Imifudlana iyophenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe lakhona libe yikolitayi elivuthayo.

10Aliyukucinywa ubusuku nemini, intuthu yalo iyothunqa yenyuke kuze kube phakade. Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane, akukho muntu oyodabula kulo nanini.

11Liyakuba yifa lonogolantethe nenhloli, kuyohlala isikhova negwababa kulo. Uyokwelulela phezu kwalo intambo yokukala yencithakalo, nomthofu wokumisa okuyize.

12Bayolibiza ngokuthi: umbuso ongelutho, abantu nezikhulu zalo bayakuba yinto engelutho.

13Kuyakumila ameva namakhakhasi ezindlini zamakhosi akhona, izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi, nendawo yezintshe.

14Izilwane zasendle ziyakuhlangana nezimpisi, kuyakumemezana izimbuzi eziyimilalandle, imimoya emibi yasebusuku, ihlale khona, izitholele indawo yokuphumula.

15Isikhova siyakuzakhela isidleke lapho, sizalele kuso, size sichamsele, sifukamele ethunzini laso; kuyobuthana khona onhloyile, yilowo nalowo nomngani wakhe.

16Funani encwadini kaSimakade, nifunde; akukho nokukodwa kwalokhu okungeyukuvela, ayikho engeyukuba namngani. Ngokuba uyalezile ngomlomo wakhe, noMoya wakhe wakuhlanganisa.

17Ukwenzele unkatho, isandla sakhe sakukala ngentambo, sababela, kwaba yifa labo laphakade, izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 34.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.