Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 34

:
Zulu - 2020
1 Sondelani nina zizwe, nizwe, nina bantu, lalelani! Mawuzwe umhlaba nakho konke okuwugcwalisile makuzwe izwe nakho konke okuphuma kulo.
2 Ngokuba uSimakade uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uzakuzibhubhisa, azinikele ukuba zibulawe.
3 Ababuleweyo bazo bayakulahlwa ngaphandle, kwenyuke ukunuka kwezidumbu zabo, kuncibilike izintaba ngenxa yegazi labo.
4 Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.
5 Uma inkemba yami isidle yaneliswa ezulwini, iyokwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu engibamisele ukubabhubhisa ngesehlulelo.
6 USimakade unenkemba; igcwele igazi, izinonisile ngamanoni egazi lezimvana nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uSimakade uyanikela umhlatshelo eseBhozira, uyazihlabela kakhulu kwa-Edomi.
7 Izinyathi ziyokuwa kanye nabo, kuwe amavukana nezinkunzi ezinamandla. Izwe labo liyogcwala igazi, nothuli lwakhona lucifike amafutha.
8 Ngokuba uSimakade unosuku lwempindiselo, unonyaka wempindiselo ngenxa yeZiyoni.
9 Imifudlana iyophenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe lakhona libe yikolitayi elivuthayo.
10 Aliyukucinywa ubusuku nemini, intuthu yalo iyothunqa yenyuke kuze kube phakade. Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane, akukho muntu oyodabula kulo nanini.
11 Liyakuba yifa lonogolantethe nenhloli, kuyohlala isikhova negwababa kulo. Uyokwelulela phezu kwalo intambo yokukala yencithakalo, nomthofu wokumisa okuyize.
12 Bayolibiza ngokuthi: umbuso ongelutho, abantu nezikhulu zalo bayakuba yinto engelutho.
13 Kuyakumila ameva namakhakhasi ezindlini zamakhosi akhona, izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi, nendawo yezintshe.
14 Izilwane zasendle ziyakuhlangana nezimpisi, kuyakumemezana izimbuzi eziyimilalandle, imimoya emibi yasebusuku, ihlale khona, izitholele indawo yokuphumula.
15 Isikhova siyakuzakhela isidleke lapho, sizalele kuso, size sichamsele, sifukamele ethunzini laso; kuyobuthana khona onhloyile, yilowo nalowo nomngani wakhe.
16 Funani encwadini kaSimakade, nifunde; akukho nokukodwa kwalokhu okungeyukuvela, ayikho engeyukuba namngani. Ngokuba uyalezile ngomlomo wakhe, noMoya wakhe wakuhlanganisa.
17 Ukwenzele unkatho, isandla sakhe sakukala ngentambo, sababela, kwaba yifa labo laphakade, izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.