Isaiah 35
1 Kuyakuthokoza ihlane nendawo eyomileyo, kujabule ugwadule luqhakaze njengentebe.
2 Luzokhahlela kakhulu luthokoze, lujabule, lugide. Inkazimulo yeLebhanoni izobuyiselwa kulo nobukhosi beKharimeli nobeSharoni. Bayakubona inkazimulo kaSimakade, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3 Qinisani izandla eziyethileyo, niqinise amadolo axegayo.
4 Yishoni kwabanhliziyo enokwesaba, nithi: “Yimani isibindi, ningesabi, bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngempindiselo, impindiselo kaNkulunkulu, nguye oza ukunisindisa.”
5 Amehlo ezimpumputhe ayakuvuleka, izindlebe zezithulu zivuleke,
6 izinyonga ziyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo. Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane, nemifudlana ogwadule.
7 Isihlabathi esishisayo siyophenduka ichibi, umhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi; ikhaya lezimpungushe liyophenduka ixhaphozi, utshani bube ngumhlanga nekhwani.
8 Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.
9 Akuyukuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyukukhuphukela khona; lokho akuyukufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
10 Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya baye eZiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.