Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 33

:
Zulu - 2020
1 Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.
2 Simakade, yiba nomusa kithi, thina sikulindile Wena. Yiba yingalo yethu enamandla njalo ekuseni, nomhlengi wethu, ngesikhathi sokuhlupheka.
3 Lapho bezwa umsindo wenhlokomo, abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho, izizwe ziyahlakazeka.
4 Impango yakho iyobuthwa njengalapho kubuthwa isikhonyane, nanjengesikhonyane sitheleka phezu kwayo.
5 USimakade uphakeme, uhlala kweliphezulu, uligcwalisile iZiyoni ngobulungiswa nokulunga.
6 Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.
7 Lalelani ukukhala kwamaqhawe emigwaqweni, izithunywa zokuthula zikhala umunyu.
8 Kukhala ibhungane emigwaqweni, izihambi azisabonwa ezindleleni. Isivumelwano sichithiwe, imizi kayisanakiwe, nokuphila komuntu akushaywa mkhuba.
9 Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.
10 “Manje sengizovuka” kusho uSimakade; “manje sengizophakanyiswa, sengizophakanyiswa impela.
11 Niyokhulelwa amakhoba, nizale amabibi, ukuphefumula kwenu kuzokuba ngumlilo ozoqothula nina uqobo.
12 Abantu bayosha njengokusha komcako, nanjengameva agawuliweyo; bayoshiswa ngomlilo.”
13 Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.
14 Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”
15 Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi,
16 yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.
17 Amehlo akho ayoyibona inkosi ebuhleni bayo, ayobona izwe elendlalekile.
18 Umqondo wakho uyocabanga ngovalo, uthi: “Uphi lona owabalayo na? Uphi lona owakala intela na? Uphi owabala imibhoshongo na?”
19 Awusayukubuye uzibone izidlova, abantu abakhuluma okungaqondakali nokungezwakali, abalulimi lukwitiza kungekho ongaluqonda.
20 Bheka, iZiyoni umuzi wemikhosi yethu emisiweyo. Amehlo akho ayakubona iJerusalema, indlu yokuthula, ithende elingenakususwa, okungekho muntu ongabhongcula izikhonkwane zalo, nezintambo zalo akuyukugqashulwa nanini.
21 Kodwa lapho uSimakade ebukhosini bakhe, uyokuba nathi khona endaweni yemifula ebanzi nemithombo, lapho kungahambi khona zikebhe ezigwedlwayo, kungadabuli mikhumbi emikhulu.
22 Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.
23 Izintambo zakho ziyaxega, azinakuyiqinisa insika endaweni yayo, azinakuwugcina useyili wendlalekile. Lapho impango ephangiweyo iyokwehlukaniswa ngobuningi, ngisho nezinyonga ziyothola impango.
24 Akukho sakhamuzi esiyothi: “Ngiyagula.” Abantu abahlala lapho bayothethelelwa iziphambeko zabo.