Isaiah 332020

1Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.

2Simakade, yiba nomusa kithi, thina sikulindile Wena. Yiba yingalo yethu enamandla njalo ekuseni, nomhlengi wethu, ngesikhathi sokuhlupheka.

3Lapho bezwa umsindo wenhlokomo, abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho, izizwe ziyahlakazeka.

4Impango yakho iyobuthwa njengalapho kubuthwa isikhonyane, nanjengesikhonyane sitheleka phezu kwayo.

5USimakade uphakeme, uhlala kweliphezulu, uligcwalisile iZiyoni ngobulungiswa nokulunga.

6Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.

7Lalelani ukukhala kwamaqhawe emigwaqweni, izithunywa zokuthula zikhala umunyu.

8Kukhala ibhungane emigwaqweni, izihambi azisabonwa ezindleleni. Isivumelwano sichithiwe, imizi kayisanakiwe, nokuphila komuntu akushaywa mkhuba.

9Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.

10“Manje sengizovuka” kusho uSimakade; “manje sengizophakanyiswa, sengizophakanyiswa impela.

11Niyokhulelwa amakhoba, nizale amabibi, ukuphefumula kwenu kuzokuba ngumlilo ozoqothula nina uqobo.

12Abantu bayosha njengokusha komcako, nanjengameva agawuliweyo; bayoshiswa ngomlilo.”

13Yizwani nina enikude engikwenzileyo; nani eniseduze, vumani amandla ami.

14Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”

15Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi,

16yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.

17Amehlo akho ayoyibona inkosi ebuhleni bayo, ayobona izwe elendlalekile.

18Umqondo wakho uyocabanga ngovalo, uthi: “Uphi lona owabalayo na? Uphi lona owakala intela na? Uphi owabala imibhoshongo na?”

19Awusayukubuye uzibone izidlova, abantu abakhuluma okungaqondakali nokungezwakali, abalulimi lukwitiza kungekho ongaluqonda.

20Bheka, iZiyoni umuzi wemikhosi yethu emisiweyo. Amehlo akho ayakubona iJerusalema, indlu yokuthula, ithende elingenakususwa, okungekho muntu ongabhongcula izikhonkwane zalo, nezintambo zalo akuyukugqashulwa nanini.

21Kodwa lapho uSimakade ebukhosini bakhe, uyokuba nathi khona endaweni yemifula ebanzi nemithombo, lapho kungahambi khona zikebhe ezigwedlwayo, kungadabuli mikhumbi emikhulu.

22Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.

23Izintambo zakho ziyaxega, azinakuyiqinisa insika endaweni yayo, azinakuwugcina useyili wendlalekile. Lapho impango ephangiweyo iyokwehlukaniswa ngobuningi, ngisho nezinyonga ziyothola impango.

24Akukho sakhamuzi esiyothi: “Ngiyagula.” Abantu abahlala lapho bayothethelelwa iziphambeko zabo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 33.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.