Isaiah 32
1 Kuyoba khona inkosi eyobusa ngokulunga, nezikhulu zibuse ngobulungiswa.
2 Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.
3 Amehlo alabo ababonayo awayukuvaleka, nezindlebe zalabo abezwayo ziyokuzwa.
4 Izinhliziyo zabanamawala ziyokwazi, zihlolisise. Izilimi zabanamalimi ziyothombuluka bakhulume kucace.
5 Isiwula asisayukubizwa ngokuthi siyisikhulu, nomkhohlisi akusayukuthiwa uhloniphekile.
6 Ngokuba isiwula sikhuluma ubuwula, nengqondo yaso iceba ububi, yenza ukungalungi, ikhulume okuphambeneyo noNkulunkulu, ingamsuthisi olambileyo nowomileyo imncishe okuphuzwayo.
7 Izikhali zomkhohlisi zimbi, uhlela amacebo amabi, ukuze abhubhise abampofu ngamazwi angamanga, ngisho nalapho ontulayo ekhuluma okulungileyo.
8 Kodwa ohloniphekileyo uceba okuhloniphekileyo, futhi umi ngezinto ezihloniphekile.
9 Vukani nina besifazane abanethezekileyo, yizwani izwi lami, nibeke indlebe kwengikushoyo, nina madodakazi azethembayo.
10 Ezinsukwini ezingaphezu konyaka niyoqhaqhazela nina besifazane abazethembayo ngokuba iwayini eliphambili lizophela, nokuvunwa kwezithelo akuyukufika.
11 Thuthumelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo, khumulani nibe nqunu, nibophe izinkalo zenu.
12 Thwalani imikhono emakhanda, ngenxa yamasimu amahle, nezivini ezithelayo.
13 Ezweni labantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo.
14 Inqaba iyosala dengwane, kukhale ibhungane emzini obunabantu abaningi. Igquma nombhoshongo kuyoba yimigede kuze kube phakade; kube yinjabulo yezimbongolo zasendle nedlelo lemihlambi,
15 kuze kuthululelwe kithi uMoya ovela phezulu, ihlane liphenduke insimu yezithelo, nensimu yezithelo kuthiwe iyihlathi.
16 Ubulungiswa buyohlala ehlane, nokulunga kuhlale ensimini yezithelo.
17 Umsebenzi wokulunga uyokuba ngukuthula, umvuzo wokulunga ube ngukuthula nokulondeka kuze kube phakade.
18 Abantu bami bayakuhlala emathendeni okuthula, asezindlini eziphephileyo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.
19 Ihlathi liyovithizwa yisichotho, liphele nya, nomuzi udilizelwe phansi.
20 Nibusisiwe nina enitshala ngasemifuleni yonke, enivumela izinkabi nezimbongolo zihambe ngokukhululeka.