1Kuyoba khona inkosi eyobusa ngokulunga, nezikhulu zibuse ngobulungiswa.
2Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.
3Amehlo alabo ababonayo awayukuvaleka, nezindlebe zalabo abezwayo ziyokuzwa.
4Izinhliziyo zabanamawala ziyokwazi, zihlolisise. Izilimi zabanamalimi ziyothombuluka bakhulume kucace.
5Isiwula asisayukubizwa ngokuthi siyisikhulu, nomkhohlisi akusayukuthiwa uhloniphekile.
6Ngokuba isiwula sikhuluma ubuwula, nengqondo yaso iceba ububi, yenza ukungalungi, ikhulume okuphambeneyo noNkulunkulu, ingamsuthisi olambileyo nowomileyo imncishe okuphuzwayo.
7Izikhali zomkhohlisi zimbi, uhlela amacebo amabi, ukuze abhubhise abampofu ngamazwi angamanga, ngisho nalapho ontulayo ekhuluma okulungileyo.
8Kodwa ohloniphekileyo uceba okuhloniphekileyo, futhi umi ngezinto ezihloniphekile.
9Vukani nina besifazane abanethezekileyo, yizwani izwi lami, nibeke indlebe kwengikushoyo, nina madodakazi azethembayo.
10Ezinsukwini ezingaphezu konyaka niyoqhaqhazela nina besifazane abazethembayo ngokuba iwayini eliphambili lizophela, nokuvunwa kwezithelo akuyukufika.
11Thuthumelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo, khumulani nibe nqunu, nibophe izinkalo zenu.
12Thwalani imikhono emakhanda, ngenxa yamasimu amahle, nezivini ezithelayo.
13Ezweni labantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo.
14Inqaba iyosala dengwane, kukhale ibhungane emzini obunabantu abaningi. Igquma nombhoshongo kuyoba yimigede kuze kube phakade; kube yinjabulo yezimbongolo zasendle nedlelo lemihlambi,
15kuze kuthululelwe kithi uMoya ovela phezulu, ihlane liphenduke insimu yezithelo, nensimu yezithelo kuthiwe iyihlathi.
16Ubulungiswa buyohlala ehlane, nokulunga kuhlale ensimini yezithelo.
17Umsebenzi wokulunga uyokuba ngukuthula, umvuzo wokulunga ube ngukuthula nokulondeka kuze kube phakade.
18Abantu bami bayakuhlala emathendeni okuthula, asezindlini eziphephileyo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.
19Ihlathi liyovithizwa yisichotho, liphele nya, nomuzi udilizelwe phansi.
20Nibusisiwe nina enitshala ngasemifuleni yonke, enivumela izinkabi nezimbongolo zihambe ngokukhululeka.