Isaiah 312020

1Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!

2Naye uhlakaniphile, uletha inhlekelele, kalibuyiseli emuva izwi lakhe, kodwa uyomelana nendlu yababi, nosizo lwabenza okubi.

3AbaseGibhithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, namahhashi abo ayizilwane, awasiwo umoya. Lapho uSimakade elula isandla sakhe, umsizi uyokhubeka, nosizwayo awe, babhubhe kanyekanye.

4Usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Njengengonyama ibhodla, nebhongo lengonyama ligwavuma phezu kwenyamazane, aliphazanyiswa wumsindo wokumemeza kwabelusi abaningi abasuke bebizwe ukumelana nalo, futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo, kanjalo uSimakade Wamabandla uyokwehla ukuba alwe entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.

5Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda, kanjalo uSimakade Wamabandla uyolivikela iJerusalema, uyolivikela, alisindise, adlule phezu kwalo, alikhulule.”

6Nina bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuye lona enimhlubuke kakhulu kangaka.

7Ngokuba ngalolo lusuku, kuyoba yilowo nalowo alahle izithombe ezibaziweyo zesiliva nezegolide, enizenze ngezandla zenu zaba yisono senu.

8“Abase-Asiriya bayofa ngenkemba, kungeyona eyomuntu; inkemba okungesiyona eyomuntu iyobaqothula, bayothi galo yephuka phambi kwenkemba. Izinsizwa zakhona ziyoba yizisebenzi ezingakhokhelwa.

9Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo, izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela, ngenxa yokudangala,” kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 31.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.