1USimakade uthi: “Maye, kubantwana abahlubukayo, abenza amacebo okungewona awami, abenza isivumelwano esiphambene nomoya wami, ukuze bathasisele isono phezu kwesinye.
2Abehlela eGibhithe ngaphandle kweseluleko sami, ukuze baphephele ekuvikelweni nguFaro, bafune ukukhosela emthunzini eGibhithe.
3Ukukhosela kwenu kuFaro kuzophenduka ichilo kini, nokukhosela emthunzini eGibhithe kuyonithela ngehlazo.
4Ngisho noma izikhulu zakhona ziseZowani, nezithunywa zakhona zifinyelela eHanesi,
5bonke bayodumala ngenxa yabantu abangenakubasiza abangalethi nsizakalo nanzuzo, kunalokho bengamahloni nehlazo kuphela.”
6Isiphrofetho maqondana nezilwane zaseNegevu. Badabula ezweni losizi nenhlupheko, elebhubesi nebhubesikazi, elebululu nenkanyamba; umcebo wabo bawethwesa izimbongolo, ingcebo yabo bayibeka emalundeni amakameli, bayiyisa kubantu abangenakubasiza ngalutho.
7Ngokuba usizo lweGibhithe luyize, futhi alunto yalutho, yingakho ngilibiza ngoRahabi ohleze ethule.
8Hamba manje, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuze kuthi ngesikhathi esizayo kube ngubufakazi baphakade.
9Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,
10abathi ezangomeni: “Ningasibhuleli,” nakubaphrofethi, bathi: “Ningaphrofethi okuliqiniso, kodwa sitsheleni izinto ezikhohlisayo, niphrofethe inkohliso;
11chezukani endleleni, niphambuke emkhondweni, msuseni phambi kwethu oNgcwele ka-Israyeli.”
12Ngakho-ke uthi oNgcwele ka-Israyeli: “Ngenxa yokuba nililahlile leli lizwi, nethembela ekucindezeleni nasenkohlisweni, nencika kukho,
13ngalokho lobu bubi buyofana nomfantu ovulekile obondeni oluphakemeyo, osekuseduze lubhidlike, oluyowa ngokuphazima kweso, kungalindele muntu.
14Luzobhidlizwa njengokuphahlazeka kwesitsha sombumbi, esiphihlizwa singahawukelwa, kuze kungabe kusatholakala phakathi kwezingcezu ngisho nelokuthatha umlilo eziko, nelokucakula amanzi kuwo umthombokwakhiwa.”
15Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.
16Kodwa nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngakho niyakubaleka: ‘Siyakubaleka sigibele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.
17Inkulungwane iyakubaleka isongelwa ngoyedwa; kuthi ngokusongelwa ngabayisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe ninjengensika esiqongweni sentaba, nanjengebhanela phezu kwegquma.”
18Ngalokho uSimakade ulindele ukuba abe nomusa kini; ngalokho uyakuphakama abe nesihawu kini, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wobulungiswa; babusisiwe bonke abamlindelayo.
19Wena sizwe esakhe eZiyoni, nina zakhamuzi zaseJerusalema, ningabe nisakhala; impela uyokwenzela umusa, lapho ezwa ukukhala kwakho, uyokuphendula.
20Nakuba iNkosi ikunike isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi benu abasayukucasha, kodwa amehlo enu ayakubabona abafundisi benu,
21nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”
22Niyokuthatha njengokungcolile okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva, nesimbozo sezithombe zenu zegolide ezibunjiweyo; niyakuzilahla njengokowesifazane okungcolileyo, nithi kukho: “Suka lapha.”
23Uyonisa imvula embewini yenu eniyihlwanyela emhlabathini, aninike umhlabathi ovundileyo, uthele kakhulu, ube nokudla okuningi. Ngalolo lusuku imfuyo yenu iyoklaba emadlelweni abanzi.
24Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyokudla ukudla okuyolisiweyo, okweliwe ngefosholo nangembenge.
25Kuzo zonke izintaba eziphakeme nasemagqumeni amade, kuyoqhuma imifula nemifudlana, ngosuku okuyoba khona ngalo ukubulalana okukhulu, lapho kubhidlika imibhoshongo.
26Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.
27Igama likaSimakade liyeza, livela kude, livutha ulaka lwakhe, ligqunqile; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo, nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;
28ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo, oze ufinyelele ezinkwazini, ukuzohlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa. Itomu elidukisayo liyoba semihlathini yezizwe.
29Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokho kuhanjwa kubethwa imitshingo, kuyiwa entabeni kaSimakade, kulo iDwala lika-Israyeli.
30USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.
31Ngokuba ngezwi likaSimakade, i-Asiriya liyothuthumela lapho elishaya ngenduku.
32Konke ukushaywa uSimakade abashaye ngakho kuyohambisana nomculo wamahabhu nogubhu, alwe nabo empini, ebashaya ngengalo yakhe.
33Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.