Isaiah 30
1 USimakade uthi: “Maye, kubantwana abahlubukayo, abenza amacebo okungewona awami, abenza isivumelwano esiphambene nomoya wami, ukuze bathasisele isono phezu kwesinye.
2 Abehlela eGibhithe ngaphandle kweseluleko sami, ukuze baphephele ekuvikelweni nguFaro, bafune ukukhosela emthunzini eGibhithe.
3 Ukukhosela kwenu kuFaro kuzophenduka ichilo kini, nokukhosela emthunzini eGibhithe kuyonithela ngehlazo.
4 Ngisho noma izikhulu zakhona ziseZowani, nezithunywa zakhona zifinyelela eHanesi,
5 bonke bayodumala ngenxa yabantu abangenakubasiza abangalethi nsizakalo nanzuzo, kunalokho bengamahloni nehlazo kuphela.”
6 Isiphrofetho maqondana nezilwane zaseNegevu. Badabula ezweni losizi nenhlupheko, elebhubesi nebhubesikazi, elebululu nenkanyamba; umcebo wabo bawethwesa izimbongolo, ingcebo yabo bayibeka emalundeni amakameli, bayiyisa kubantu abangenakubasiza ngalutho.
7 Ngokuba usizo lweGibhithe luyize, futhi alunto yalutho, yingakho ngilibiza ngoRahabi ohleze ethule.
8 Hamba manje, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuze kuthi ngesikhathi esizayo kube ngubufakazi baphakade.
9 Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,
10 abathi ezangomeni: “Ningasibhuleli,” nakubaphrofethi, bathi: “Ningaphrofethi okuliqiniso, kodwa sitsheleni izinto ezikhohlisayo, niphrofethe inkohliso;
11 chezukani endleleni, niphambuke emkhondweni, msuseni phambi kwethu oNgcwele ka-Israyeli.”
12 Ngakho-ke uthi oNgcwele ka-Israyeli: “Ngenxa yokuba nililahlile leli lizwi, nethembela ekucindezeleni nasenkohlisweni, nencika kukho,
13 ngalokho lobu bubi buyofana nomfantu ovulekile obondeni oluphakemeyo, osekuseduze lubhidlike, oluyowa ngokuphazima kweso, kungalindele muntu.
14 Luzobhidlizwa njengokuphahlazeka kwesitsha sombumbi, esiphihlizwa singahawukelwa, kuze kungabe kusatholakala phakathi kwezingcezu ngisho nelokuthatha umlilo eziko, nelokucakula amanzi kuwo umthombokwakhiwa.”
15 Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.
16 Kodwa nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngakho niyakubaleka: ‘Siyakubaleka sigibele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.
17 Inkulungwane iyakubaleka isongelwa ngoyedwa; kuthi ngokusongelwa ngabayisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe ninjengensika esiqongweni sentaba, nanjengebhanela phezu kwegquma.”
18 Ngalokho uSimakade ulindele ukuba abe nomusa kini; ngalokho uyakuphakama abe nesihawu kini, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wobulungiswa; babusisiwe bonke abamlindelayo.
19 Wena sizwe esakhe eZiyoni, nina zakhamuzi zaseJerusalema, ningabe nisakhala; impela uyokwenzela umusa, lapho ezwa ukukhala kwakho, uyokuphendula.
20 Nakuba iNkosi ikunike isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi benu abasayukucasha, kodwa amehlo enu ayakubabona abafundisi benu,
21 nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”
22 Niyokuthatha njengokungcolile okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva, nesimbozo sezithombe zenu zegolide ezibunjiweyo; niyakuzilahla njengokowesifazane okungcolileyo, nithi kukho: “Suka lapha.”
23 Uyonisa imvula embewini yenu eniyihlwanyela emhlabathini, aninike umhlabathi ovundileyo, uthele kakhulu, ube nokudla okuningi. Ngalolo lusuku imfuyo yenu iyoklaba emadlelweni abanzi.
24 Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyokudla ukudla okuyolisiweyo, okweliwe ngefosholo nangembenge.
25 Kuzo zonke izintaba eziphakeme nasemagqumeni amade, kuyoqhuma imifula nemifudlana, ngosuku okuyoba khona ngalo ukubulalana okukhulu, lapho kubhidlika imibhoshongo.
26 Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.
27 Igama likaSimakade liyeza, livela kude, livutha ulaka lwakhe, ligqunqile; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo, nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;
28 ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo, oze ufinyelele ezinkwazini, ukuzohlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa. Itomu elidukisayo liyoba semihlathini yezizwe.
29 Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokho kuhanjwa kubethwa imitshingo, kuyiwa entabeni kaSimakade, kulo iDwala lika-Israyeli.
30 USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.
31 Ngokuba ngezwi likaSimakade, i-Asiriya liyothuthumela lapho elishaya ngenduku.
32 Konke ukushaywa uSimakade abashaye ngakho kuyohambisana nomculo wamahabhu nogubhu, alwe nabo empini, ebashaya ngengalo yakhe.
33 Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.