1Maye, kuwe Ariyeli, muzi lapho uDavide ake akanisa khona. Yengeza unyaka phezu komunye, imikhosi uqhubeke nokuyigubha njengenjwayelo.
2Nokho ngizolikhathaza i-Ariyeli, kuzoba nokukhala nokulila, lizofana ne-Ariyeli.
3NjengoDavide ngizokanisa, ngimelane nawe, ngikuhaqe nxazonke, ngikuvimbezele ngezinqaba, ngimise izindonga.
4Uzodilizwa, ukhulume usemhlabathini, amazwi akho azophuma phansi othulini, izwi lakho livele emhlabathini njengelomthakathi, inkulumo yakho iyonyenyeza, ivela othulini.
5Kodwa isixuku sezitha zakho siyofana nebhuqu elicolisekileyo, noquqaba lwabacindezeli lube njengamakhoba aphephukayo, kwenzeke ngokuphazima kweso.
6USimakade Wamabandla uyokuhambela ngokushesha nangokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho nangelangabi lomlilo oqothulayo.
7Isixuku sezizwe ezazilwa ne-Ariyeli, zilwa nalo nenqaba yalo, zilicindezela, ziyokuba njengesiphepho nanjengombono ebusuku.
8Kuyofana nalapho umuntu olambile ephupha edla, kodwa avuke esalokhu elambile, noma owomileyo ephupha ephuza, kepha avuke eyethile wukoma. Siyoba njalo-ke isixuku sezizwe zonke ezilwa nentaba iZiyoni.
9Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthekiseni nibe yizimpumputhe; dakwani, kodwa kungengawayini; bhamazelani, kodwa kungengaluphuzo olunamandla!
10Ngokuba uSimakade uthululele kini umoya wobuthongo obunzulu, uvale amehlo abaphrofethi bakini, wemboza amakhanda ezangoma zakini.
11Umbono ngakho konke lokho kimi wafana namazwi encwadi esicilelweyo, uma inikwa labo abakwazi ukufunda, nomyalo othi: “Fundani lokhu,” bayothi: “Ngeke sikwazi ukukufunda, ngokuba isicilelwe.”
12Kuthi lapho inikwa labo abangakwazi ukufunda, kuthiwe: “Fundani lokhu,” bathi: “Asikwazi ukufunda.”
13INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
14ngakho ngizobuye ngibenzele izinto ezimangalisayo laba bantu, ezethusayo nezimangalisayo. Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela, nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”
15Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”
16Izinto niyazihlanekezela. Umbumbi angathathwa yini njengebumba na? Izinto ezenziweyo zingasho yini kumenzi wazo, zithi: “Akangenzanga.” Into ebunjiweyo ingasho yini kokubumbileyo, ithi: “Akazi lutho,” na?
17ILebhanoni alizukuphenduka yini maduzane nje libe yinsimu yezithelo, kuthi nensimu yezithelo ibe yihlathi na?
18Ngalolo lusuku izithulu ziyowezwa amazwi encwadi, amehlo ezimpumputhe ayobona ebumnyameni obuyisigayegaye.
19Abathobekileyo bayofumana kabusha intokozo kuSimakade, nabantulayo phakathi kwabantu bayojabulela oNgcwele ka-Israyeli.
20Ngokuba umcindezeli akaseyukuba bikho, kungabe kusaba khona sedeleli, bonke abaceba ububi bayoqedwa nya.
21Ababeka umuntu icala ngezwa bethi, babekele ugibe umthethi wamacala esigcawini, bachezukise olungileyo ngento engelutho.
22Ngakho-ke uSimakade owahlenga u-Abhrahama, uthi ngendlu kaJakobe: “UJakobe akasayukuba namahloni, nobuso bakhe abusayukuphaphatheka,
23ngokuba nxa ebona izingane zakhe umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe, ziyongcwelisa iGama lami, zingcwelise oNgcwele kaJakobe, zimesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
24Abaduka emoyeni, bayofinyelela ekwazini, nalabo abakhonondayo, bayokwamukela umyalo.”