Isaiah 29
1 Maye, kuwe Ariyeli, muzi lapho uDavide ake akanisa khona. Yengeza unyaka phezu komunye, imikhosi uqhubeke nokuyigubha njengenjwayelo.
2 Nokho ngizolikhathaza i-Ariyeli, kuzoba nokukhala nokulila, lizofana ne-Ariyeli.
3 NjengoDavide ngizokanisa, ngimelane nawe, ngikuhaqe nxazonke, ngikuvimbezele ngezinqaba, ngimise izindonga.
4 Uzodilizwa, ukhulume usemhlabathini, amazwi akho azophuma phansi othulini, izwi lakho livele emhlabathini njengelomthakathi, inkulumo yakho iyonyenyeza, ivela othulini.
5 Kodwa isixuku sezitha zakho siyofana nebhuqu elicolisekileyo, noquqaba lwabacindezeli lube njengamakhoba aphephukayo, kwenzeke ngokuphazima kweso.
6 USimakade Wamabandla uyokuhambela ngokushesha nangokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho nangelangabi lomlilo oqothulayo.
7 Isixuku sezizwe ezazilwa ne-Ariyeli, zilwa nalo nenqaba yalo, zilicindezela, ziyokuba njengesiphepho nanjengombono ebusuku.
8 Kuyofana nalapho umuntu olambile ephupha edla, kodwa avuke esalokhu elambile, noma owomileyo ephupha ephuza, kepha avuke eyethile wukoma. Siyoba njalo-ke isixuku sezizwe zonke ezilwa nentaba iZiyoni.
9 Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthekiseni nibe yizimpumputhe; dakwani, kodwa kungengawayini; bhamazelani, kodwa kungengaluphuzo olunamandla!
10 Ngokuba uSimakade uthululele kini umoya wobuthongo obunzulu, uvale amehlo abaphrofethi bakini, wemboza amakhanda ezangoma zakini.
11 Umbono ngakho konke lokho kimi wafana namazwi encwadi esicilelweyo, uma inikwa labo abakwazi ukufunda, nomyalo othi: “Fundani lokhu,” bayothi: “Ngeke sikwazi ukukufunda, ngokuba isicilelwe.”
12 Kuthi lapho inikwa labo abangakwazi ukufunda, kuthiwe: “Fundani lokhu,” bathi: “Asikwazi ukufunda.”
13 INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
14 ngakho ngizobuye ngibenzele izinto ezimangalisayo laba bantu, ezethusayo nezimangalisayo. Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela, nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”
15 Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”
16 Izinto niyazihlanekezela. Umbumbi angathathwa yini njengebumba na? Izinto ezenziweyo zingasho yini kumenzi wazo, zithi: “Akangenzanga.” Into ebunjiweyo ingasho yini kokubumbileyo, ithi: “Akazi lutho,” na?
17 ILebhanoni alizukuphenduka yini maduzane nje libe yinsimu yezithelo, kuthi nensimu yezithelo ibe yihlathi na?
18 Ngalolo lusuku izithulu ziyowezwa amazwi encwadi, amehlo ezimpumputhe ayobona ebumnyameni obuyisigayegaye.
19 Abathobekileyo bayofumana kabusha intokozo kuSimakade, nabantulayo phakathi kwabantu bayojabulela oNgcwele ka-Israyeli.
20 Ngokuba umcindezeli akaseyukuba bikho, kungabe kusaba khona sedeleli, bonke abaceba ububi bayoqedwa nya.
21 Ababeka umuntu icala ngezwa bethi, babekele ugibe umthethi wamacala esigcawini, bachezukise olungileyo ngento engelutho.
22 Ngakho-ke uSimakade owahlenga u-Abhrahama, uthi ngendlu kaJakobe: “UJakobe akasayukuba namahloni, nobuso bakhe abusayukuphaphatheka,
23 ngokuba nxa ebona izingane zakhe umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe, ziyongcwelisa iGama lami, zingcwelise oNgcwele kaJakobe, zimesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
24 Abaduka emoyeni, bayofinyelela ekwazini, nalabo abakhonondayo, bayokwamukela umyalo.”