Isaiah 26
1 Ngalolo lusuku, ezweni lakwaJuda kuyohlatshelelwa lesi sihlabelelo esithi: Sinomuzi oqinileyo, usimisela insindiso ibe yizingange nezindunduma.
2 Vulani amasango ukuze isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.
3 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.
4 Thembani kuSimakade kuze kube phakade, ngokuba unguSimakade, yebo, uSimakade uyidwala elingunaphakade.
5 Uyothobisa abakhe endaweni ephakemeyo, umuzi ophakemeyo uwubhidliza awuthele othulini.
6 Unyathelwe ngonyawo, yizinyawo zabampofu, ugxotshwe nangabantulayo.
7 Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.
8 Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.
9 Ebusuku umphefumulo wami uyakulangazelela, ngiyokufunisisa ngomoya ongaphakathi kwami. Ngokuba lapho izehlulelo zakho zisemhlabeni, izakhamuzi zasemhlabeni zifunda ukulunga.
10 Uma omubi enzelwa umusa akakufundi ukulunga; ezweni lobuqotho wenza ukonakala, angabuboni ubukhosi bukaSimakade.
11 Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.
12 Simakade, uzosenzela ukuthula, ngokuba yonke imisebenzi yethu siyenzelwe nguwe.
13 Simakade Nkulunkulu wethu, sibuswe ngamanye amakhosi esikhundleni sakho, kodwa thina sidumisa igama lakho kuphela.
14 Abafileyo abasaphili, imimoya yabo ayiyukuvuka; yingakho-ke wabajezisa, wababhubhisa, wenza ukuba bangabe besakhunjulwa.
15 Simakade, usandisile isizwe, sanda, wadunyiswa, wandisa yonke imingcele yezwe.
16 Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.
17 Njengowesifazane okhulelweyo osezobeletha ekhaliswa yizinhlungu zokusikwa, saba njalo phambi kwakho, Simakade.
18 Sasikhulelwe, sisezinhlungwini, sazala umoya nje. Akukho nsindiso esayiletha emhlabeni, asizalanga bantu balo mhlaba.
19 Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.
20 Hambani bantu bami, niye ezindlini zenu, nizivalele khona, nicashe isikhashana, luze lwedlule ulaka.
21 Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.