1Wena Simakade unguNkulunkulu wami; ngizokuphakamisa ngilidumise igama lakho, ngokuba wenze izimangaliso ezacetshwa emandulo, ngokwethembeka nangeqiniso.
2Ngokuba umuzi uwuphendule imvithi, umuzi obiyelweyo waba yincithakalo; umuzi wabafokazi awuseyiwo umuzi, awusoze wakhiwa kabusha nanini.
3Ngakho-ke izizwe ezinamandla ziyokudumisa, imizi yezizwe ezinonya ikwesabe.
4Ngokuba ube yinqaba kwabampofu, inqaba kwabantulayo ekuxakekeni kwabo, umpheme esivunguvungwini nomthunzi ekushiseni, lapho umoya wabanonya unjengesivunguvungu ebusika,
5Umsindo wabafokazi ufana nokushisa ezweni elomileyo, uyodambisa ukushisa ngomthunzi wamafu, uthulise nehubo labanonya.
6Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo.
7Uyobhubhisa kule ntaba isembozo esemboze bonke abantu, nomgubuzelo ogubuzele zonke izizwe.
8Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.
9Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
10Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.
11Noma bephakamisa izandla zabo, bephakathi kwayo njengababhukudayo, bevula izandla zabo bebhukuda, ukuphakama kwabo kuyothotshiswa naphezu kokuba begwedla kangaka ngezandla zabo.
12Izinqaba eziphakemeyo ezingangeni zakhe ziyobhidlizwa, ziyakuwiselwa phansi zidicilelwe emhlabathini, ngisho othulini imbala.