Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 25

:
Zulu - 2020
1 Wena Simakade unguNkulunkulu wami; ngizokuphakamisa ngilidumise igama lakho, ngokuba wenze izimangaliso ezacetshwa emandulo, ngokwethembeka nangeqiniso.
2 Ngokuba umuzi uwuphendule imvithi, umuzi obiyelweyo waba yincithakalo; umuzi wabafokazi awuseyiwo umuzi, awusoze wakhiwa kabusha nanini.
3 Ngakho-ke izizwe ezinamandla ziyokudumisa, imizi yezizwe ezinonya ikwesabe.
4 Ngokuba ube yinqaba kwabampofu, inqaba kwabantulayo ekuxakekeni kwabo, umpheme esivunguvungwini nomthunzi ekushiseni, lapho umoya wabanonya unjengesivunguvungu ebusika,
5 Umsindo wabafokazi ufana nokushisa ezweni elomileyo, uyodambisa ukushisa ngomthunzi wamafu, uthulise nehubo labanonya.
6 Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo.
7 Uyobhubhisa kule ntaba isembozo esemboze bonke abantu, nomgubuzelo ogubuzele zonke izizwe.
8 Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.
9 Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”
10 Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.
11 Noma bephakamisa izandla zabo, bephakathi kwayo njengababhukudayo, bevula izandla zabo bebhukuda, ukuphakama kwabo kuyothotshiswa naphezu kokuba begwedla kangaka ngezandla zabo.
12 Izinqaba eziphakemeyo ezingangeni zakhe ziyobhidlizwa, ziyakuwiselwa phansi zidicilelwe emhlabathini, ngisho othulini imbala.