Isaiah 27
1 Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.
2 Ngalolo lusuku kuyoba khona isivini esinxanelekayo. Hlabelelani ngaso, nithi:
3 “Mina Simakade ngingumlindi waso; njalo ngiyasichelela; ngisilinda ubusuku nemini, kungaze kube khona osonakalisayo.
4 Angisithukutheleli. Uma singivezela ameva namakhakhasi, ngizolwa nawo ngiwashise.
5 Kungenjalo, masithandele kimi ukuze sivikeleke, masibe nokuthula nami, masenze ukuthula nami.”
6 Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila, u-Israyeli aqhakaze, akhahlele, athele izithelo, agcwalise umhlaba wonke.
7 Ngabe uSimakade ushaye u-Israyeli ngendlela abashaya ngayo abamshayayo na? Ngabe ubabulele ngendlela abulala ngayo abambulala na?
8 Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile, wabasusa ngomoya wakhe onamandla, ngosuku lomoya wasempumalanga.
9 Ngalokhu ububi bukaJakobe buzohlangulwa, kube yisithelo esiphelele sokususa isono sakhe, lapho enza wonke amatshe ase-althare abe yimvithi afane nomcako, kungabe kusamiswa nsika engu-Ashera, ngisho nama-althare empepho imbala.
10 Ngokuba umuzi obiyelweyo usuyize, ikhaya lishiyiwe, lalahlwa, lanjengehlane; ithole seliklaba kulo, libuthise, lidle, liphundle amagatsha.
11 Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.
12 Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.
13 Ngalolo lusuku kuyobethwa icilongo elikhulu, labo ababedukele e-Asiriya nalabo ababexoshwe eGibhithe, bayofika badumise uSimakade entabeni engcwele eJerusalema.