Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 22

:
Zulu - 2020
1 Isiphrofetho ngesiGodi Sombono. Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu, nenyukele ophahleni lwendlu,
2 muzi ogcwele ukumemeza, muzi oxokozelayo, nomuzi othokozayo na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, futhi abafelanga empini.
3 Bonke ababusi benu babaleke kanyekanye, babanjwa ngaphandle kokusebenzisa iminsalo. Bonke abakini abatholakala, babanjiwe noma babebalekele kude.
4 Ngalokho ngithi: “Ningangibuki mina, ngizonikhombisa umunyu ngokulila kalusizi; ningazami ukungiduduza ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.”
5 Ngokuba wusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla, usuku lokukhathazeka nokucindezelwa, lokudideka eSigodini Sombono; usuku lokudilizwa kwezingange nolokukhalela ukusizwa ezintabeni.
6 I-Elamu lithathe umgodla nezinqola zempi nabamahhashi; iKhiri laveza isihlangu salo.
7 Izigodi zakho ezikhethekileyo zagcwala izinqola zempi, abamahhashi abanamandla bazihlela ngasesangweni.
8 Usisusile isembozo sikaJuda. Ngalolo lusuku wena wabheka ezikhalini zendlu yehlathi.
9 Nabona ukuthi miningi imifantu emzini kaDavide, nase niyokha amanzi echibini elisezansi.
10 Nazibala izindlu zaseJerusalema, nazibhidliza ukuze niqinise ugange.
11 Nakhe indawo yokugcina amanzi phakathi kwezindonga ezimbili, ukugcina amanzi echibi elidala. Kodwa anibhekanga kulowo owalenzayo, animnakanga lowo okade wanquma ukulenza.
12 Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,
13 kodwa kunalokho kwakunenjabulo nedili, kuhlatshwa izinkabi nezimvu, kudliwa inyama, kuphuzwa iwayini, nathi: “Masidle, siphuze, ngokuba kusasa sizokufa.”
14 USimakade Wamabandla uzambulile ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi siphambeko aniyukuthethelelwa sona nize nife,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
15 Isho kanje iNkosi uSimakade Wamabandla, ithi: “Woza, uhambe uye enduneni uShebhina owengamele indlu, uthi kuye:
16 ‘Wenzani lapha? Unobani lapha ohlobene naye, ukuze uziqophele ithuna lapha, uziqophele ithuna endaweni ephakeme, uzisikele indawo yokuhlala edwaleni?’
17 “Bheka, wena mlisa, uSimakade uzokukulahla kude, kabuhlungu, uzakukubamba aqinise.
18 Uyokusonga akuqinise, akulahle njengebhola ezweni elibanzi. Uyofela lapho; izinqola zakho zodumo ziyolala lapho, wena olihlazo lendlu yenkosi yakho.
19 Ngiyakukwehlisa esikhundleni sakho, ngikukhiphe emsebenzini wakho, ngikuqumbe phansi.
20 “Kuyothi ngalolo lusuku ngibize inceku yami; u-Eliyakimi, indodana kaHilikiya;
21 ngimembathise ingubo yakho, ngimqinise ngebhande; ngiyakumnika esandleni amandla akho, abe nguyise wabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.
22 Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.
23 Ngiyomqinisa njengesikhonkwane endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sokuhlonipheka endlini kayise.
24 Bayakugaxa kuye lonke udumo lwendlu kayise, abozalo nezizukulwane, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
25 “Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.