Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 23

:
Zulu - 2020
1 Isiphrofetho ngeThire. Lilani Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba indlu yenu ishatshalalisiwe, nokungena kwayo ivela eKhithimi kwambuliwe.
2 Thulani nina zakhamuzi zasogwini, nina bahwebi baseSidoni, izithunywa zenu ziwele ulwandle,
3 emanzini amaningi; imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayili kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo izizwe ezazithenga kuyo.
4 Yiba nezinhloni wena Sidoni, ngokuba ulwandle lukhulumile, inqaba yolwandle, ithi: “Angisikwanga, angibelethanga, angikhulisanga nsizwa, angondlanga ntombi.”
5 Lapho umbiko ufinyelela eGibhithe, liyoba sebuhlungwini ngenxa yeThire.
6 Welelani eTharishishi, nilile, nina zakhamuzi zasogwini.
7 Ngabe ngumuzi wenu lona, enijabula ngawo, owavela ezinsukwini zasemandulo, onyawo zawo zawuthwala waze wayohlala kude na?
8 Ngubani owenze leli cebo ngeThire, umethwesi wemiqhele, obahwebi bakhona bekuyizikhulu, nabathengi bakhona bengabahlonishwayo emhlabeni?
9 NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
10 Sabalalani nezwe lonke, nina bomuzi waseTharishishi, kuhle komfula iNayili lapho udla izindwani, ugabha imfunda.
11 Isandla sakhe uselulele phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso, uSimakade uyaleze ngeKhanani ukuba kudilizwe izinqaba zalo.
12 Wathi: “Awusayukujabula wena ntombi ethelwe ngehlazo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKhithimi, nalapho awuyukukuthola ukuphumula.”
13 Bheka izwe lamaKhaledi, leso sizwe asisekho, saqedwa yi-Asiriya, laphenduka indawo yezilwane zasendle. Lamisa imibhoshongo yokuvimbezela, izindlu zamakhosi lazenza ize, izwe laphenduka incithakalo.
14 Lilani nina mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba inqaba ibhujisiwe.
15 Kusukela ngalolo lusuku, iThire liyolibaleka iminyaka engama-70, isikhathi sokuphila kwenkosi eyodwa. Ekupheleni kweminyaka engama-70, eThire kuyokwenzeka njengokwezwi leculo lesifebe, elithi:
16 “Thatha ihabhu, uhambahambe emzini, wena sifebe esikhohlakeleyo, ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze ukhunjulwe.”
17 Kuyothi ngasekupheleni kweminyaka engama-70, uSimakade ahambele iThire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.
18 Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.