Isaiah 21
1 Isiphrofetho ngehlane eligudle ulwandle. Njengesiphepho sivunguza eningizimu, kukhona ozayo ovela ehlane, ezweni elesabekayo.
2 Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.
3 Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.
4 Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela; ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele, sekuphenduke ixhala kimi.
5 Balungisa itafula, bendlala izindwangu, bayadla, bayaphuza. Hhayi bo, zikhulu, sukumani! Gcobani amahawu.
6 Ngokuba iNkosi ithe kimi: “Hamba uyomisa umlindi ozakukwazisa akubonayo.
7 Lapho ebona umgibeli, nabagibele amahhashi ngababili, ogibele imbongolo nogibele ikameli, uyoqaphelisisa, alalele ngokucophelela okukhulu.”
8 Ibhubhesi lamemeza, lathi: “Nkosi, ngihlale ngimi embhoshongweni wami nsuku zonke, nasendaweni engibekwe kuyo ubusuku bonke.
9 Bheka, sekuza umuntu ngenqola yamahhashi. Umemeza athi: ‘Liwile, liwile iBhabhele, nazo zonke izithombe zonkulunkulu balo; kuphelele phansi.’ ”
10 Wena ongokubhuliweyo kwesibuya sami, lokhu engikuzwe ngoSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli; ngiyakukumemezela kuwe.
11 Lesi yisiphrofetho ngeDuma. Kukhona ongimemeza eseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”
12 Umlindi wathi: “Ukusa kuyeza, nobusuku ngokunjalo; uma nifuna ukubuza, buzani; nibuye futhi.”
13 Isiphrofetho nge-Arabhiya. Niyakulala ehlozini elisemathafeni e-Arabhiya, nina mahele aseDedanimi.
14 We zakhamuzi zakwaThema, lethelani abomileyo amanzi, bahlangabezeni ngokudla abafokazi.
15 Ngokuba babalekele izinkemba, izinkemba ezihoshiweyo, neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi.
16 Ngokuba iNkosi ithe kimi: “Ngesikhathi esingangonyaka, ngokubalwa kweminyaka yoqashiweyo, lonke udumo lweKhedari luzophela;
17 inani lensali yabaciba ngemicibisholo, amaqhawe aseKhedari, iyoba yingcosana,” ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.