Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 20

:
Zulu - 2020
1 Ngonyaka okwafika ngawo umkhuzi wempi e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa nalo, walinqoba.
2 Ngaleso sikhathi uSimakade wakhuluma ngesandla sika-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba ukhumule indwangu eyisaka esokhalo lwakho, nezicathulo ezinyaweni zakho.” Wenza kanjalo, wahamba nqunu, engafake nazicathulo.
3 USimakade wathi: “Njengalokhu inceku yami, u-Izaya, isihambe nqunu ingafake nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibhithe naseKhushe.
4 Inkosi yase-Asiriya iyobahambisa benqunu abathunjwa baseGibhithe, nabaxoshiweyo baseKhushe: abadala nabancane, izinqe ziyoba sobala, kube yihlazo eGibhithe.
5 Bayophela amandla, babe namahloni ngeKhushe, ithemba labo, nangeGibhithe abazigabisa ngalo.
6 Ngalolo lusuku izakhamuzi zasogwini ziyothi: ‘Bheka ukuthi kwenzekeni kulabo ebesethembele kubo, nalabo ebesibalekela kubo ukuyocela usizo nokukhululwa enkosini yase-Asiriya. Pho thina-ke, siyophunyuka kanjani na?’