1Isiphrofetho ngeDamaseku. “Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo.
2Imizi e-Aroweri iyakushiywa ibe ngeyemihlambi; ibuthise khona, ingethuswa muntu.
3Kuyobhidlika inqaba kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantu bakwa-Israyeli,” kusho uSimakade Wamabandla.
4“Ngalolo lusuku udumo lukaJakobe luyodanjiswa, kuphele ukukhuluphala emzimbeni wakhe, azace.
5Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.
6Umkhwanyo uyosala njengokusale kuwohlozwa iminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu ezihlokweni phezulu, ezine noma ezinhlanu emagatsheni omuthi,” kusho uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
7Ngalolo lusuku abantu bayomfuna uMdali wabo, amehlo abo agqolozele oNgcwele ka-Israyeli.
8Abasayukuwanaka ama-althare abo, umsebenzi wezandla zabo, abasayukuwubheka kulokho okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-althare empepho.
9Ngalolo lusuku imizi ebiyelweyo iyofana namanxiwa asehlathini naseziqongweni zezintaba, eyashiwa ngabantu bakwa-Israyeli, yaba yincithakalo.
10Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo, ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,
11noma ungazenza zikhule ngosuku ezitshalwe ngalo, wenze okuhlwanyelweyo kuqhakaze ngakusasa, nokho akuyukuba khona sivuno ngalolo lusuku lokulila nobuhlungu obungelapheki.
12Maye, ukuhlokoma kwezizwe eziningi, zihlokoma njengokuduma kolwandle; nomsindo wokuxokozela kwabezizwe, unjengokuhlokoma kwamanzi amaningi.
13Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.
14Ngokuhlwa, kuba yingebhe yodwa; kuthi kungakasi zibe zingasekho. Yileso-ke isabelo sabasiphangayo, nonkatho lwabasiqhwagayo.