Isaiah 182020

1Maye, kuwe lizwe elibhakuzisa amaphiko, eliphesheya kwemifula eKhushe,

2elithumela izithunywa ngolwandle, zintweze emanzini ngemikhumbi yomhlanga! Hambani zithunywa ezinejubane, niye esizweni sabantu abade abasikhumba sibushelelezi, abantu abesatshwa kude naseduze, isizwe esinamandla nezidlova; esizwe laso lihlukaniswe yimifula.

3Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo.

4Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi: “Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami, njengokushisa kwelanga, nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.”

5Ngokuba ngaphambi kokuvuna, lapho imbali isiqhakaze yaze yaphenduka igilebhisi elivuthiweyo, uzowanquma wonke amagatsha ngocelemba, namagatsha enabileyo uwanqume, uwasuse.

6Ayoshiywa ndawonye, abe ngawamanqe asezintabeni, nawezilwane zasemhlabeni. Amanqe ayohlala kuwo ehlobo, ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba.

7Ngaleso sikhathi abantu abade, abanesikhumba esibushelelezi, bayoletha izipho kuSimakade Wamabandla, zivela kubantu abesatshwa kude naseduze; isizwe esinamandla nesinqobayo, esilizwe laso lihlukaniswe yimifula. Bayoziletha entabeni iZiyoni, indawo yegama likaSimakade Wamabandla.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 18.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.