Isaiah 162020

1Thumelani imvana kumbusi wezwe, ivela eSela ngendlela esehlane, iye entabeni yendodakazi yaseZiyoni.

2Amadodakazi akwaMowabi ayoba njengezinyoni ezizulazulayo, namaphuphu ahlakazekileyo, emazibukweni e-Arinoni.

3“Lulekanani, nithathe isinqumo, umphefumulo wabo ube njengobusuku phakathi kwemini, nibhacise abaxoshiweyo, ningabadaluli ababalekileyo.

4Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabagogobale phakathi kwenu, nibe yisiphephelo sabo kumbhubhisi.” Kuyothi lapho umcindezeli engasekho, nokubhujiswa sekuphelile, seziqediwe nezidlova ezweni,

5kumiswe isihlalo sobukhosi ngomusa, ethendeni likaDavide, kuhlale kuso ngokwethembeka umehluleli oyofuna ubulungiswa, asheshe ukwenza okulungileyo.

6Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.

7Ngakho-ke abakwaMowabi mabamlilele uMowabi; bonke balikhalele ikhekhe elinamagilebhisi omisiwe laseKhiri Haresethi. Lilani nidabukele kuphela abavithizwe yizinhlupheko.

8Amasimu aseHeshibhoni ashaziwe, kwabuna nezivini eSibhima, ezixha zawo zamagilebhisi ekhethelo, ayedaka amakhosi ezizwe afinyelela naseJazeri, enabela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.

9Ngakho-ke khalela izivini eSibhima njengokulila kweJazeri. Ngikuthela ngezinyembezi zami wena Heshibhoni, nawe Elehale, ngokuba ukujabulela isivuno sakho sezithelo nesokusanhlamvu kuphelile.

10Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo, akusahlatshelelwa maculo; ezivinini akusamenyezwa, abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngikuqedile ukumemeza.

11Ngakho-ke ingaphakathi lami likhala njengehabhu ngoMowabi, nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.

12Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa, ezikhathaza endaweni ephakemeyo, aye ethempelini lakhe ukuyothandaza, angaphumeleli.

13Yilelo izwi uSimakade alisho ngoMowabi ngaleso sikhathi.

14Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Isaiah 16.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.