Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 16

:
Zulu - 2020
1 Thumelani imvana kumbusi wezwe, ivela eSela ngendlela esehlane, iye entabeni yendodakazi yaseZiyoni.
2 Amadodakazi akwaMowabi ayoba njengezinyoni ezizulazulayo, namaphuphu ahlakazekileyo, emazibukweni e-Arinoni.
3 “Lulekanani, nithathe isinqumo, umphefumulo wabo ube njengobusuku phakathi kwemini, nibhacise abaxoshiweyo, ningabadaluli ababalekileyo.
4 Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabagogobale phakathi kwenu, nibe yisiphephelo sabo kumbhubhisi.” Kuyothi lapho umcindezeli engasekho, nokubhujiswa sekuphelile, seziqediwe nezidlova ezweni,
5 kumiswe isihlalo sobukhosi ngomusa, ethendeni likaDavide, kuhlale kuso ngokwethembeka umehluleli oyofuna ubulungiswa, asheshe ukwenza okulungileyo.
6 Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.
7 Ngakho-ke abakwaMowabi mabamlilele uMowabi; bonke balikhalele ikhekhe elinamagilebhisi omisiwe laseKhiri Haresethi. Lilani nidabukele kuphela abavithizwe yizinhlupheko.
8 Amasimu aseHeshibhoni ashaziwe, kwabuna nezivini eSibhima, ezixha zawo zamagilebhisi ekhethelo, ayedaka amakhosi ezizwe afinyelela naseJazeri, enabela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.
9 Ngakho-ke khalela izivini eSibhima njengokulila kweJazeri. Ngikuthela ngezinyembezi zami wena Heshibhoni, nawe Elehale, ngokuba ukujabulela isivuno sakho sezithelo nesokusanhlamvu kuphelile.
10 Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo, akusahlatshelelwa maculo; ezivinini akusamenyezwa, abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngikuqedile ukumemeza.
11 Ngakho-ke ingaphakathi lami likhala njengehabhu ngoMowabi, nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.
12 Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa, ezikhathaza endaweni ephakemeyo, aye ethempelini lakhe ukuyothandaza, angaphumeleli.
13 Yilelo izwi uSimakade alisho ngoMowabi ngaleso sikhathi.
14 Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”