Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 15

:
Zulu - 2020
1 Isiphrofetho ngoMowabi. Impela ngabusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, labhujiswa. Impela ngabusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lachithwa.
2 Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.
3 Babhince amasaka kuyo yonke imigwaqo, nasophahleni lwabo, nasezigcawini zabo, bonke bayalila, kugobhoza izinyembezi.
4 IHeshibhoni ne-Elehale kuyakhala; izwi labo lizwakala naseJahazi; amabutho akwaMowabi ayamemeza, umphefumulo wawo uyathuthumela.
5 Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi; ababalekileyo bakhona babalekela eZowari nase-Egila shelishiya; bakhuphukela eLuhithe bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.
6 Ngokuba amanzi aseNimrimi ashile, utshani bomile, uhlaza luphelile, akusekho okuluhlaza.
7 Yingakho abakutholileyo obekusasele, nemfuyo yabo, bakuwelise uMfula Weminyezane,
8 ngokuba ukukhala kwabakwaMowabi kuzungeze imingcele yakhona, ukulila kwabo kuze kufinyelele e-Egelayimi, nokububula kwabo kufike eBheri Elimi.
9 Amanzi aseDimoni agcwele igazi; iDimoni ngisazolehlisela okukhulu, ingonyama ngiyibekele abayosinda bakwaMowabi, nabaseleyo ezweni.