Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 14

:
Zulu - 2020
1 USimakade uyoba nesihawu kuJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, amuphe ukuthula ezweni lakhe; nabafokazi bayozihlanganisa naye, banamathele endlini kaJakobe.
2 Izizwe ziyobathumba, zibayise endaweni yazo; indlu ka-Israyeli iyozidla lezo zizwe, zibe yifa layo, zibe yizinceku nezincekukazi ezweni likaSimakade; iyobathumba labo ababekade beyithumbile, ibuse phezu kwabacindezeli bayo.
3 Kuyothi lapho uSimakade eseniphumuzile ebuhlungwini, enhluphekweni, nasemsebenzini onzima ababenenzisa wona,
4 nihaye le ngoma, nedelele inkosi yaseBhabhele, nithi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokuqedwa kokuqhosha!
5 USimakade waphule induku yezikhohlakali nentonga yababusi,
6 eyashaya abantu ngentukuthelo ingaphezi, yabusa izizwe ngolaka nangokucindezela okunganqandekiyo.
7 Wonke umhlaba uphumule, unokuthula; kuqhumuke inhlokomo kubantu.
8 Ngisho imisayiphuresi nemisedari eLebhanoni, iyathokoza ngawe, ithi: ‘Selokhu walaliswa phansi, akukho mgawuli okhuphukele kithi ukuba asigawule.’
9 Indawo yabafileyo phansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze uma ufika kuyo, ikuvusele izithunzi zazo zonke izikhulu zomhlaba, isukumise wonke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.
10 Wonke ayophendula, athi kuwe: ‘Kanti nawe usubuthakathaka njengathi, usufana nathi?’
11 Ukuphakama kwakho sekwehliselwe endaweni yabafileyo, kanjalo nomsindo wezingubhu zenu; izimpethu zendlaliwe phansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.
12 “Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe.
13 Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.
14 Ngiyokhuphuka ezindaweni eziphakemeyo phezu kwamafu, ngizenze ngibe njengoPhezukonke.’
15 Nokho wehliselwe endaweni yabafileyo, emajukujukwini omgodi.
16 “Abakubonayo bayokubhekisisa, bakuqaphelisise, bese bethi: ‘Nguye yini lo muntu owazamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso,
17 owenza izwe laba yihlane, wabhubhisa imizi yalo, akazivumela iziboshwa ukuba zibuyele emakhaya na?’
18 Wonke amakhosi ezizwe, wonke alale ngodumo, yileyo naleyo edlinzeni layo.
19 Kodwa wena ulahlwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abagwazwe ngenkemba, behlela emgodini wamatshe njengesidumbu esinyathelweyo.
20 Awusoze wahlangana nabo egodini, ngokuba waba yimbangela yencithakalo ezweni lakini; wabulala abantu bakini. Sengathi izizukulwane zezikhohlakali zingebe zisaphathwa naphakade.
21 Lungisani indawo yokubulalela abantwana bakhe, ngenxa yenkohlakalo yokhokho babo. Mabangaphinde bavuke, ukuba badle ifa lomhlaba, bagcwalise izwe ngemizi.
22 “Ngiyobavukela,” kusho uSimakade Wamabandla, “nginqume eBhabhele igama nensali, indodana nomzukulu,” kusho uSimakade.
23 “Ngiyolenza libe yifa lezingungumbane namaxhaphozi anomhlanga, ngiyolishanela ngomshanelo wembubhiso,” kusho uSimakade Wamabandla.
24 USimakade Wamabandla ufunge wathi: “Impela njengoba ngihlosile kuyokuba kanjalo, nanjengoba ngihlelile kuyokuma kanjalo,
25 ukuthi ngiyolicoboshisa i-Asiriya ezweni lami, ngiligxobe ezintabeni zami; lisuswe kubantu bani ijoka lalo nomthwalo walo osemahlombe abo.”
26 Yilesi isinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke; yilesi isandla esizoshaya izizwe zonke.
27 Ngokuba uSimakade Wamabandla unqumile; ngubani oyakuguqula lokho na? Isandla sakhe sizogadla; ngubani oyakusinqanda na?
28 Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi, kwavela lesi siphrofetho.
29 Ungathokozi wena Filistiya namaphethelo, ngokuthi intonga ekushayileyo yephukile, ngokuba esiqwini senyoka kuyophuma ibululu, nenzalo yalo ibe yinkanyamba endizayo.
30 Amazibulo abampofu ayodla, abantulayo balale belondekile; kodwa ngiyobulala impande yakho ngendlala, ngibhubhise nensali yakho.
31 Lila wena sango, udazuluke wena muzi; phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba kuvela intuthu enyakatho; akekho oyokwehlukana nebutho lakhe.
32 Ziyophendulwa ngokuthini izithunywa zesizwe na? Kuyothiwa nguSimakade omisele abahluphekileyo babantu bakhe iZiyoni, ukuba bayophephela kulo.