Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 13

:
Zulu - 2020
1 Isiphrofetho ngeBhabhele asibona u-Izaya, indodana ka-Amozi.
2 Phakamisani ibhanela entabeni eluqhwathule, nimemeze, nibaqhwebe, ukuba bangene emasangweni abakhulu.
3 Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami. Ngiwabizile amaqhawe ami, abangabami abajabula ngokuziqhenya, ukuze babonise intukuthelo yami.
4 Yizwani umsindo ezintabeni, inhlokomo kungathi ngeyabantu abaningi! Yizwani ukuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangana ndawonye! USimakade Wamabandla uqoqa impi yakhe.
5 Ivela emazweni akude, emikhawulweni yezulu. USimakade uze nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuzobhubhisa umhlaba wonke.
6 Lilani, ngokuba usuku lukaSimakade lusondele; luyofika njengencithakalo evela kuSomandla.
7 Ngalokho zonke izandla ziyakuba ntekenteke, nezinhliziyo ziphele amandla.
8 Bayakushaqeka, babanjwe yiminjunju nobuhlungu, bayoba neminjunju enjengemihelo yowesifazane ebeletha. Bayobhekana nomakhelwano babo ngeziqu zamehlo. Ubuso babo bubheje bube bomvu okwamalangabi.
9 Bheka, usuku lukaSimakade luyeza; luwusuku lolunya, nentukuthelo nolaka oluvuthayo, ukuchitha umhlaba, nokubhubhisa zonke izoni ezikuwo.
10 Ngokuba izinkanyezi zezulu nomthala akuyukukhanya; ukukhanya kwakho kuyofiphala, ilanga liyoshona entathakusa, nenyanga lapho iphuma ayiyukukhanya.
11 Umhlaba ngiyokuwujezisela iziphambeko zawo, nezikhohlakali, izono zazo, ngiyoqeda ukuzidla kwabaphakameyo, ngikuqede ukwedelela kwabacindezeli.
12 Ngiyokwenza umuntu abe yigugu kunegolide elicwengekileyo; yebo, umuntu muhle kunegolide elicwengekileyo lase-Ofiri.
13 Ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe ngiyokwenza izulu lithuthumele, nomhlaba uzamazame endaweni yawo, ngenxa yokuvutha kwentukuthelo kaSimakade Wamabandla.
14 Bayophendukela kubantu bakubo njengensephe ehujwayo, nanjengezimvu ezingaqoqwa muntu, babaleke, yilowo nalowo aphindele ezweni lakubo.
15 Bonke abayotholwa bayogwazwa, nabayobanjwa, badliwe yinkemba.
16 Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.
17 Bhekani, ngizobavusela amaMede, isizwe esingenandaba nasiliva nagolide.
18 Ayobulala izinsizwa ngeminsalo yawo; angabi nasihe esithelweni sesibeletho sabo; abayukuba nasihawu kubantwana.
19 IBhabhele, udumo lwemibuso, igugu nokuzigqaja kwamaKhaledi, liyofana neSodoma neGomora lapho uNkulunkulu elichitha.
20 Aliyukubuye lihlale muntu, akusekho muntu oyokwakha kulo, izizukulwane ngezizukulwane, umArabhu akayukukanisa kulo, nabelusi abayukulala lapho nemihlambi yabo.
21 Kodwa izilwane zasehlane ziyobuthisa khona, nezindlu zalo ziyogcwala izikhova; kuyohlala lapho izintshe, kugcakagce khona amademoni.
22 Izimpisi ziyokhala ezinqabeni zalo, namakhanka, ezindlini zamakhosi; sesiseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyukwandiswa.