Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Genesis 9

:
Zulu - 2020
1 UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba.
2 Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele.
3 Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke.
4 Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.
5 Maqondana negazi lenu okukulo ukuphila, ngiyakuliphindiselela kuzo zonke izilwane ngisho noma nibulalane nodwa.
6 “Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.
7 Kepha nina zalanani nande, nigcwalise umhlaba, nande kuwo.”
8 UNkulunkulu wathi kuNowa nakumadodana akhe ayenaye:
9 “Bhekani, ngenza isivumelwano phakathi kwami nani, nezizukulwane zenu,
10 nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.
11 Lesi yisivumelwano sami nani engithi ngaso: angisayukuphinde ngibhubhise yonke into ephilayo ngozamcolo. Akusayukuphinde kube khona uzamcolo ukuba ubhubhise umhlaba.”
12 UNkulunkulu wayesethi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani, nazo zonke izizukulwane ezisazozalwa:
13 Uthingo lwenkosazana ngilubeke emafini, ukuze lube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
14 Kuyothi lapho ngiwusibekela umhlaba ngamafu, kuvele uthingo lwenkosazana emafini,
15 bese ngikhumbula isivumelwano sami phakathi kwami nani nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo. Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo wokucekela phansi konke okuphilayo.
16 Kuyothi njalo uma kuvela uthingo lwenkosazana emafini, ngilubheke qede ngikhumbule isivumelwano saphakade esikhona phakathi kwami nezilwane zonke eziphilayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”
17 UNkulunkulu wayesethi kuNowa: “Lokho kuluphawu lwesivumelwano sami engisenze phakathi kwami nabo bonke abantu emhlabeni.”
18 Amadodana kaNowa, uShemu, uHamu, noJafethi aphuma emkhunjini. UHamu wayenguyise kaKhanani.
19 Kulawa madodana kaNowa amathathu kwavela kuwo abantu abasabalala nomhlaba wonke.
20 UNowa owayengumlimi, waba ngowokuqala ukutshala isivini.
21 Kuthe esephuze iwayini, lamdaka walala enqunu ethendeni lakhe.
22 UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, waxoxela abafowabo ababengaphandle.
23 UShemu noJafethi bathatha ingubo bayibeka emahlombe abo, bahlehla nyovana, bangena, babufihla ubunqunu bukayise. Babufulathelisa ubuso babo ukuze bangabuboni ubunqunu bukayise.
24 Kwathi lapho selidamukile iwayini kuNowa, wezwa ukuthi indodana yakhe encane yenzeni kuye,
25 wayesethi: “Uqalekisiwe uKhanani! Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.”
26 Wabuye wathi futhi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu kaShemu, uKhanani makabe yisigqila sikaShemu.
27 UNkulunkulu makamnike indawo ebanzi uJafethi, ahlale emathendeni kaShemu, uKhanani abe yisigqila sabo.”
28 Emva kukazamcolo uNowa waphila iminyaka engama-350.
29 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguNowa yaba ngama-950, wayesefa.