Genesis 82020

1UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.

2Kwavaleka iziphethu ezisezinzulwini, kwavaleka namafasitela ezulu, yanqamuka imvula.

3Amanzi aya ngokuya ebohla. Sekwedlule izinsuku eziyi-150 amanzi ayesehlile impela.

4Ngosuku lwe-17 ngenyanga yesikhombisa, umkhumbi wathi cababa ezintabeni e-Ararathi.

5Amanzi aya ngokuya ehla. Kwathi lulunye ngenyanga yeshumi, kwaqala kwabonakala iziqongo zezintaba.

6Kwathi emveni kwezinsuku ezingama-40, uNowa wavula ifasitela lomkhumbi ayelenzile,

7wakhiphela ngaphandle igwababa. Landiza njalo lehla lenyuka kwaze kwabohla amanzi emhlabeni.

8Wabuye wathumela ijuba ukuze ahlole ngalo ukuthi nembala amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.

9Kepha ijuba kalitholanga ndawo elalingahlala kuyo. Landiza labuyela emkhunjini, uNowa welula isandla walingenisa ngaphakathi.

10Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walikhipha ijuba.

11Labuyela kuye sekuhlwile liphethe ngomlomo iqabunga lomnqumo eliluhlaza. Kwamcacela uNowa ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni.

12Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walithumela ijuba, kodwa aliphindanga labuyela kuye.

13Ngosuku lokuqala ngenyanga yokuqala uNowa eseqede iminyaka engama-601 ephila, wonke amanzi ayesehwamukile emhlabeni. UNowa waphakamisa uphahla lomkhumbi, wabona ukuthi sekomile phansi.

14Kwafika usuku lwama-27 sekome nkwe phansi.

15UNkulunkulu wakhuluma noNowa, wathi:

16“Phuma emkhunjini, wena nomkakho namadodana akho nomkawo.

17Khipha konke okuphilayo okunawe, izinyoni, zonke izilwane, nezilwane ezihuquzelayo, ukuze zizalane zande emhlabeni.”

18Wayesephuma-ke uNowa nomkakhe, namadodana akhe nomkawo.

19Emkhunjini kwaphuma zonke izilwane, zonke izilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhambayo emhlabeni ngezinhlobo zakho.

20UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile.

21Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.

22“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Genesis 8.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.