Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Genesis 10

:
Zulu - 2020
1 Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.
2 Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.
3 Amadodana kaGomeri kwakungu-Ashikenazi, uRifathi, noThogama.
4 Amadodana kaJavani kwakungu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi, noDodanimi.
5 Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
6 Amadodana kaHamu kwakunguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi, noKhanani.
7 Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani.
8 UKhushe wazala uNimrodi, iqhawe lokuqala emhlabeni.
9 Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”
10 Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari.
11 Wasuka kulelo lizwe walibangisa e-Asiriya lapho afike akha khona iNinive, iRehobhothi Iri, iKhala,
12 neReseni umuzi omkhulu ophakathi kweNinive neKhala.
13 UMizirayimi wazala amaLudi, ama-Anami, amaLehabi, amaNafethuhi,
14 amaPhathrusi, namaKhasuluhi okwadabuka kubo amaFilisti nabaseKhafithori.
15 UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi,
16 nalezi zizwe: amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi,
17 amaHivi, ama-Akhi, amaSini,
18 ama-Arivadi, amaZemari, namaHamathi. Emveni kwalokho imindeni yamaKhanani yasabalala kulo lonke izwe,
19 imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.
20 Yilawa amadodana kaHamu ngokwemindeni nangezilimi, emazweni nasezizweni zawo:
21 uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.
22 Amadodana kaShemu kwakungu-Elamu, u-Ashuri, u-Arifaksadi, uLudi no-Aramu.
23 Amadodana ka-Aramu kwakungu-Uzi, uHulu, uGetheri, noMashe.
24 U-Arifaksadi wazala uShela, uShela wazala u-Ebhere.
25 U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.
26 UJokithani wazala u-Alimodadi, uShelefu, uHazamavete, uJera,
27 uHadoramu, u-Uzali, uDikila,
28 u-Obhali, u-Abhimayeli, uShebha,
29 u-Ofiri, uHavila noJobhabhu. Bonke laba babengamadodana kaJokithani.
30 Indawo ababakhe kuyo yayisuka eMesha ize ifike eSefari, kwelezintaba empumalanga.
31 Yilawo-ke amadodana kaShemu ngokwemindeni nangezilimi zawo, ezifundeni zawo nangokwezizwe zawo.
32 Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.