Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Genesis 11

:
Zulu - 2020
1 Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye.
2 Basuka empumalanga baze bayofika emathafeni eShinari, bahlala khona.
3 Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!” Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni.
4 Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”
5 USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu.
6 Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza.
7 Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”
8 USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi.
9 Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.
10 Nanku umlando wezizukulwane zikaShemu. Kwaphela iminyaka emibili unqamukile uzamcolo, uShemu eseneminyaka eyikhulu, wazala u-Arifaksadi.
11 Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.
12 Kuthe u-Arifaksadi eseneminyaka engama-35, wazala uShela.
13 Emva kokuzala uShela, u-Arifaksadi waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
14 UShela wayeseneminyaka engama-30 ezala u-Ebhere.
15 Esemzele u-Ebhere, waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
16 Kuthe u-Ebhere eseneminyaka engama-34, wazala uPhelegi.
17 Esemzele uPhelegi, u-Ebhere waphila iminyaka engama-430, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
18 UPhelegi eseneminyaka engama-30, wazala uRegu.
19 Esemzele uRegu, uPhelegi waphila iminyaka engama-209, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
20 URegu eseneminyaka engama-32, wazala uSerugi.
21 Esemzele uSerugi, uRegu waphila iminyaka engama-207, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
22 USerugi eseneminyaka engama-30, wazala uNahori.
23 Esemzele uNahori, uSerugi waphila iminyaka engama-200, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
24 UNahori eseneminyaka engama-29, wazala uThera.
25 Esemzele uThera, uNahori waphila iminyaka eyi-119, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
26 Kuthe uThera eseneminyaka engama-70, wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana.
27 Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi.
28 UHarana wafa kuqala kunoyise uThera ezweni ayedabuka kulo i-Uri lamaKhaledi.
29 U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha.
30 USarayi wayeyinyumba, engenabantwana.
31 UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.
32 UThera waphila iminyaka engama-205, wafela eHarana.