Ezekiel 46
1 “ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha nangosuku lokwethwasa kwenyanga, liyakuvulwa.
2 Isikhulu siyakungena ngendlela yomphemegumbi wesango elingaphandle, sime ngasensikeni yesango, abaphristi banikele umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango, bese siphuma, kodwa isango aliyukuvalwa kuze kube kusihlwa.
3 Abantu abahlala kulelo lizwe bayokhothama, bakhuleke kuSimakade phambi kwalelo sango ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.
4 Ngosuku lwesabatha isikhulu siyakunikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa oyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici.
5 Siyakunikela nomnikelo wokusanhlamvu oyi-efa ngenqama; ngamawundlu, siyakuletha umnikelo wokusanhlamvu ngewundlu ngalinye, nehini lamafutha nge-efa.
6 Ngosuku lokwethwasa kwenyanga siyakunikela ngeduna elingenasici, amawundlu ayisithupha nenqama, konke lokhu kungabi nasici.
7 Isikhulu siyakuletha umnikelo wokusanhlamvu: i-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama; ngamawundlu, kube ngangamandla aso, bese kuba yihini lamafutha nge-efa.
8 Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yomphemegumbi wesango, sibuye siphume ngendlela yawo.
9 Kuyothi lapho abantu abahlala ezweni bengena phambi kukaSimakade ngesikhathi semikhosi emisiweyo, kuthi lowo ongene ngendlela yesango elisenyakatho ukuba ayokhuleka, aphume ngesango eliseningizimu. Umuntu oyakungena ngendlela yesango eliseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango elisenyakatho. Akayukubuyela emuva ngendlela angene ngayo, kodwa uyakuphuma esangweni elimaqondana nalelo angene ngalo.
10 Isikhulu siyakuba nabo lapho bengena; kuthi uma sebephuma, siphume nabo.
11 “ ‘ “Emikhosini nasemihlanganweni emisiweyo, umnikelo wokusanhlamvu uyakuba yi-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama; ngamawundlu, kube ngangamandla aso, nehini lamafutha nge-efa.
12 Isikhulu siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga lapho siletha umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ukuba ibe ngumnikelo wesihle kuSimakade. Siyakunikela umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengoba senza ngosuku lwesabatha, bese siphuma. Isango liyakuvalwa uma sesiphumile.
13 “ ‘ “Nsuku zonke, njalo ekuseni, uyakunikela ngewundlu elinonyaka elingenasici, libe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.
14 Uyakunikela njalo ekuseni, ngomnikelo wokusanhlamvu, ingxenye yesithupha ye-efa, nengxenye yesithathu yehini lamafutha, ukuba kuxovwe impuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, isimiso saphakade.
15 Bayakunikela njalo ekuseni ngewundlu, ngomnikelo wokusanhlamvu nangamafutha, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.”
16 “ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Uma isikhulu sipha enye yamadodana aso isipho, siyakuba yifa lendodana yaso, nelesizukulwane sayo, kube ngokwabo ngokwabiwa kwefa.
17 Kepha uma isikhulu sinika enye yezinceku zaso isipho efeni laso, siyakuba ngesenceku kuze kube ngunyaka wokukhululeka, bese sibuyela esikhulwini, kodwa impela ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.
18 Isikhulu asiyukuthatha lutho efeni labantu, singabaqhwagi impahla yabo, kodwa amadodana aso siyakuwabela ifa empahleni yaso, ukuze abantu bami bangahlakazeki, kube yilowo nalowo ashiye ifa lakhe.” ’ ”
19 Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abaphristi, abheke ngasenyakatho. Kwakukhona lapho indawo esekugcineni ngasentshonalanga.
20 Wathi kimi: “Nansi-ke indawo lapho abaphristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, futhi babhakele lapho umnikelo wokusanhlamvu, ukuze bangawukhipheli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”
21 Wayesengikhiphela egcekeni elingaphandle, wangedlulisa emagumbini omane egceke: kwakukhona ibala kuwo wonke amagumbi.
22 Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ehlukanisiweyo; ubude balelo nalelo bala babungamakhubhithi angama-40, ububanzi bungamakhubhithi angama-30. Lawo mabala amane ayesezingosini ayelingana ncimishi.
23 Phakathi kwawo kwakukhona ugange lwamatshe nxazonke, kanjalo namaziko ayenziwe phansi kwalo, macala wonke.
24 Wathi kimi: “Lezi yizindlu zalabo abaphekayo abayakuphekela kuzo imihlatshelo elethwa ngabantu.”