Ezekiel 47
1 Wayesengibuyisela emnyango wendlu. Kwakugeleza amanzi phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba indlu yayibheke ngasempumalanga. Amanzi aphophoza ephuma phansi ohlangothini lwakwesokunene lwendlu, ngaseningizimu ye-althare.
2 Wayesengikhipha ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni esempumalanga. Bheka, kwakuphophoza amanzi ohlangothini lwaseningizimu.
3 Kwase kuphuma umuntu, eya ngasempumalanga, ephethe umucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa kwaba ngamakhubhithi ayinkulungwane, wayesengiweza emanzini, amanzi ayefinyelela emaqakaleni.
4 Wabuye walinganisa enye inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi ayesefinyelela amadolweni. Walinganisa enye futhi inkulungwane, wangiweza emanzini, amanzi ayesefinyelela okhalo.
5 Waphinda walinganisa enye inkulungwane; kwakungumfula engangingekwazi ukuwuwela, ngokuba amanzi ayesejulile, sekungamanzi okubhukuda kuwo, umfula okungenakuweleka kuwo.
6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile yini na?” Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.
7 Kuthe sengibuyile, ngabona izihlahla eziningi kakhulu osebeni lomfula, ziwuphahlile.
8 Wayesethi kimi: “Lawa manzi agelezela esifundeni empumalanga, ehlele e-Araba, aye olwandle, angene khona; lawa manzi aphophozayo aya olwandle, ukuze amanzi alo abe masha.
9 Noma kuphi lapho umfula ugelezela khona, zonke izidalwa eziphilayo eziswebezelayo ziyakuphila, kube khona izinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba lawo manzi ayakuba esegelezele khona.
10 Abadobi bezinhlanzi bayakuma ogwini lolwandle, kusukela e-Eni Gedi kuya e-Eni Egilayimi; kuyakuba yindawo yokuphonsa amanetha, kudotshwe izinhlanzi ezinhlobonhlobo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.
11 Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyukwenziwa kube kusha, kuyakuyekwa kunosawoti.
12 Ngasosebeni lomfula ngapha nangapha, kuyakumila zonke izinhlobo zemithi ethela izithelo, amaqabunga ayo awayukubuna, nezithelo zayo aziyukuphela; iyakuthela zinyanga zonke, ngokuba amanzi asuka endlini engcwele agelezela kuzo; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, kuthi amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”
13 Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nanku umngcele eniyakulehlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
14 Niyakwabelana lona ngokulinganayo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami, ngafunga ukuba ngilinike okhokho benu; leli lizwe liyakuba yifa lenu.
15 “Lona-ke kuyakuba ngumngcele wezwe: ohlangothini olusenyakatho, kusukela oLwadle Olukhulu ngendlela eseHethiloni, eZedadi,
16 eHamathi, eBherotha, eSibhirayimi ephakathi komngcele eDamaseku naseHamathi, kuze kube seHazeri Hathikhoni eliwumngcele ongaseHawurana.
17 Umngcele osuka olwandle uyakuba yiHazari Enani engumngcele eDamaseku; enyakatho, ngasenyakatho umngcele yiHamathi. Lolu-ke wuhlangothi olusenyakatho.
18 “Uhlangothi olusempulanga, lusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kweGileyadi nakwa-Israyeli. Lolu luyakuba yiJordani; luyakusuka kulo mngcele luze lufike olwandle empumalanga naseThamari. Lolu-ke wuhlangothi olusempumalanga.
19 “Uhlangothi oluseningizimu: Eningizimu luyakusukela eThamari luze lufike emanzini eMeribhathi Kadeshi, ngasemfudlaneni ongasoLwandle Olukhulu. Lolu-ke wuhlangothi oluseningizimu, ngaseningizimu.
20 “Uhlangothi olusentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emngceleni kuze kuqondane neLebo Hamathi. Lolu wuhlangothi olusentshonalanga.
21 “Leli lizwe niyakuzehlukanisela lona ngokwezizwe zakwa-Israyeli.
22 Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.
23 Kuyakuthi esizweni umfokazi agogobele kuso, nimabele ifa lakhe khona lapho,” kusho iNkosi uSimakade.