Ezekiel 41
1 Wayesengingenisa ethempelini, wakala izinsika ngayinye, ububanzi babungamakhubhithi ayisithupha ngapha nangapha, yilobo-ke ububanzi bezinsika, zethabanakeli.
2 Ububanzi bomnyango babungamakhubhithi alishumi, amacele omnyango engamakhubhithi amahlanu ngakulolu hlangothi emi kanjalo nangakolunye. Wakala ubude balo: babungamakhubhithi angama-40; ububanzi balo bungama-20.
3 Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: kwaba ngamakhubhithi amabili: umnyango ungayisithupha, ububanzi bomnyango, bungayisikhombisa.
4 Wakala ubude bokuphakathi kwaba ngamakhubhithi angama-20 phambi kwethempeli. Wayesethi kimi: “Lena yindawo engcwele kakhulu.”
5 Wayesekala udonga lwendlu lwaba ngamakhubhithi ayisithupha; ububanzi bamakamelo ezinhlangothi bungamakhubhithi amane, nxazonke zendlu.
6 Indlu yayinamakamelo amathathu ezinhlangothini, elakanyene elinye phezu kwelinye, esewonke engama-30. Ingaphandle lodonga lwendlu kulelo nalelo kamelo lalinonqenqema olwaluzungeze udonga lwendlu, lusekele amakamelo asemaceleni ukuze angasekelwa ludonga lwendlu.
7 Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakukhuphuka nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu neliphakathi.
8 Ngabona futhi ukuthi indlu izungezwe unqenqema nxazonke, isilinganiso sezisekelo zamakamelo sasilingana nohlanga olungamakhubhithi ayisithupha ubude.
9 Uhlonze lodonga olungaphandle emakamelweni lwalungamakhubhithi amahlanu, kunendawo ebanzi phakathi kwamakamelo nendlu, leyo ndawo yayingeyamakamelo ayesezinhlangothini zendlu.
10 Phakathi kwamakamelo kwakukhona indawo ebanzi engamakhubhithi angama-20 nxazonke zendlu emaceleni wonke.
11 Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ungasenyakatho nomunye ungaseningizimu; ububanzi bendawo eseleyo babungamakhubhithi ayisihlanu nxazonke.
12 Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga, ububanzi baso babungamakhubhithi angama-70; uhlonze lodonga lwendlu lungamakhubhithi ayisihlanu nxazonke, ubude balo bungamakhubhithi angama-90.
13 Wayikala indlu, ubude bayo babungamakhubhithi ayikhulu, kuthi indawo eyahlukanisiweyo, isakhiwo nezindonga zaso, ubude bakho bungamakhubhithi ayikhulu.
14 Ububanzi obungaphambi kwendlu nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga babungamakhubhithi ayikhulu.
15 Wayesekala ubude besakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayingemuva kwaso nemiphemegumbi yayo nxazonke; yaba ngamakhubhithi ayikhulu, kanjalo nethempeli elingaphakathi, nemiphemegumbi yegceke.
16 Imibundu, amafasitele avaliweyo, imipheme elakanyene kathathu nxazonke eqondene nombundu, kwakwembozwe ngokhuni nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni. Amafasitele ayemboziwe,
17 kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi nangaphandle. Lonke udonga lwakalwa nxazonke ngaphakathi, nangaphandle,
18 kwakwenziwe ngamakherubhi, nangamasundu; phakathi kwalelo nalelo kherubhi kwakunesundu. Ikherubhi ngalinye linobuso obubili.
19 Ubuso bomuntu babubheke ngakuleli sundu, ngakwelinye icala kunobuso bebhongo lengonyama, bubheke isundu ngale, kwakwenziwe kanjalo nxazonke zendlu.
20 Kusukela phansi kuze kube phezu komnyango, kwakwenziwe amakherubhi namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.
21 Ethempelini, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, ubuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasifana nesethempeli.
22 I-althare lalenziwe ngokhuni, ukuphakama kwalo kungamakhubhithi amathathu, ubude balo bungamakhubhithi amabili; lalinamagumbi. Ubude balo nezindonga zalo kwakwenziwe ngokhuni; wathi kimi: “Leli yitafula eliyakuba phambi kukaSimakade.”
23 Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.
24 Iminyango yayinezicabha ezimbili, izicabha ezimbili eziphendukayo, ezimbili zingezomunye umnyango, nezimbili zingezomunye.
25 Ezivalweni zethempeli kwakwenziwe amakherubhi namasundu njengoba ayenziwe ezindongeni. Kwakukhona isivikelo esasenziwe ngokhuni phezu komphemegumbi ngaphandle.
26 Ngapha nangapha emaceleni omphemegumbi kukhona amafasitele avaliweyo namasundu, nasemakamelweni ezinhlangothini zendlu, kanjalo nasesivikelweni.