Ezekiel 42
1 Wayesengikhipha egcekeni elingaphandle elingasenyakatho, wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, eliqondene nesakhiwo esingasenyakatho,
2 ohlangothini olude, ubude balo babungamakhubhithi ayikhulu, umnyango walo ungasenyakatho. Ububanzi bawo babungamakhubhithi ayisihlanu.
3 Ngakolunye uhlangothi kwakungamakhubhithi angama-20, ayezungeze igceke elingaphakathi, kuthi maqondana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kube khona umpheme oqondene nemipheme eyelakanyene kathathu.
4 Kwakukhona umhubhe phambi kwamakamelo, ububanzi bawo bungamakhubhithi alishumi ngaphakathi, ubude bawo buyikhulu; iminyango yawo yayingasenyakatho.
5 Amakamelo aphezulu ayemafishane, ngokuba imipheme yayithathe indawo enkulu kuwo kunaleyo eyayikweyangaphansi neyayiphakathi esakhiweni.
6 Ayengenazo izinsika ezazifana nezinsika zamagceke, njengoba wona ayelakanyene kathathu; lawo ayengaphezulu ayemancane kunalawo ayengaphansi naphakathi kusukela emhlabathini.
7 Ugange olwalungaphandle eceleni kwamakamelo ngasegcekeni elingaphandle lwalungamakhubhithi angama-50.
8 Nakuba amakamelo ayesegcekeni elingaphandle, ubude bawo babungamakhubhithi angama-50, kodwa phambi kwethempeli kwakungamakhubhithi ayikhulu.
9 Kusukela phansi kwalawo makamelo, kwakukhona indawo yokungena ngasempumalanga, lapho kwakungenwa khona uma uvela egcekeni elingaphandle.
10 Lapho ugange lwegceke lwalubanzi khona ngasempumalanga, phambi kwendawo eyahlukanisiweyo naphambi kwesakhiwo; nalapho kwakukhona amakamelo.
11 Indlela eyayiphambi kwawo yayifana neyamakamelo ayengasenyakatho, ububanzi bufana nobude; kanjalo nezindawo zawo zokuphuma neminyango yazo.
12 Njengeminyango yamakamelo ayeseningizimu, kwakukhona umnyango ekuqaleni kwendlela, indlela yayiqondene nogange ngasempumalanga, lapho kungenwa kuwo.
13 Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukaniswe ngamakamelo angcwele, lapho abaphristi abaseduze noSimakade beyakudlela khona okungcwelengcwele. Bayakubeka lapho umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono nomnikelo wecala, ngokuba leyo ndawo ingcwele.
14 Kuyakuthi lapho abaphristi sebengenile, bangaphumeli endaweni engcwele ukuba baye egcekeni elingaphandle, bengakazibeki lapho izembatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba zingcwele. Bayakwembatha ezinye izingubo, bese besondela kulokho okungokwabantu.”
15 Kwathi lapho eseqedile ukulinganisa indlu engaphakathi, wangikhipha ngendlela yesango elalingasempumalanga, walinganisa nxazonke.
16 Walulinganisa uhlangothi lwasempumalanga ngohlanga lokulinganisa: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga gimbici.
17 Walulinganisa uhlangothi lwasenyakatho: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga nxazonke.
18 Walulinganisa nohlangothi lwaseningizimu: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga lokulinganisa.
19 Wayesephendukela ohlangothini olungasentshonalanga walulinganisa: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga lokulinganisa.
20 Wayilinganisa ezinhlangothini zozine. Yayinogange oluyizungeze gimbici, ubude balo babungamakhubhithi angama-500 kanjalo nobubanzi balo, ukuba kwehlukaniswe phakathi kokungcwele nokungengcwele.