Ezekiel 40
1 Kwathi ekuqaleni konyaka wama-25 sisekuthunjweni, ngosuku lweshumi enyangeni, ngonyaka we-14 emva kokunqotshwa komuzi, kwathi ngalolo lusuku isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wangiyisa lapho.
2 Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kwakungathi isakhiwo somuzi ongaseningizimu.
3 Wangiyisa khona; ngabona umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi; wayephethe intambo yelineni esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, emi esangweni.
4 Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”
5 Kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu, luzungeze nxazonke, esandleni somuntu kukhona uhlanga lokulinganisa, lungamakhubhithi ayisithupha, yileyo naleyo iyikhubhithi engububanzi besandla. Walinganisa ububanzi besakhiwo: uhlanga olulodwa, nokuphakama: ububanzi besakhiwo babuluhlanga olulodwa, kanjalo nokuphakama kwaso kuwuhlanga olulodwa.
6 Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezitebhisi zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga olulodwa.
7 Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga olulodwa, nobubanzi balo buluhlanga olulodwa; okwakuphakathi kwamakamelo kwakungamakhubhithi ayisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini nawo wawuluhlanga olulodwa.
8 Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: uwuhlanga olulodwa.
9 Wayeselinganisa umpheme wesango: wawungamakhubhithi ayisishiyagalombili; nezinsika zalo: ungamakhubhithi amabili; umpheme wesango ungasendlini.
10 Amakamelo abalindi ayesesangweni ngasempumalanga, emathathu ngapha nangapha, eyisilinganiso esisodwa, kanjalo nezinsika zaziyisilinganiso esisodwa ngapha nangapha.
11 Walinganisa ububanzi besikhala sesango: sasingamakhubhithi alishumi; ubude besango: bungamakhubhithi ali-13;
12 ekugcineni ngaphambi kwamakamelo abalindi: uyikhubhithi elilodwa; umkhawulo ngalapha: uyikhubhithi elilodwa; namakamelo abalindi: ungamakhubhithi ayisithupha ngapha nangapha.
13 Walinganisa isango, kusukela ophahleni lwelinye ikamelo kuze kube sophahleni lwelinye, ububanzi bungamakhubhithi angama-25, umnyango ubhekene nomunye.
14 Wenza nezinsika: zingamakhubhithi angama-60, isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke.
15 Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakungamakhubhithi angama-50.
16 Kwakukhona amafasitela avaliweyo, emakamelweni; ezinsikeni ngaphakathi kwesango nxazonke, nasemiphemeni yendlu ngaphandle; kukhona amafasitela nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.
17 Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; uyabona-ke, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo egcekeni nxazonke; kwakukhona namakamelo angama-30 endaweni egandayiweyo.
18 Indawo egandayiwe yayiseceleni kwamasango, ilingene nobude bamasango; lokhu kwakuyindawo egandayiwe ephansi.
19 Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingezansi, kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle: kungamakhubhithi ayikhulu ngasempumalanga nangasenyakatho.
20 Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.
21 Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngapha nangapha; izinsika zalo nemipheme yalo kwakufana nesilinganiso sokuqala sesango; ubude balo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25.
22 Amafasitela alo, imipheme yalo, namasundu alo kwakufana nesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezitebhisi eziyisikhombisa, imipheme yalo yayiphambi kwazo.
23 Kwakukhona isango legceke elingaphakathi maqondana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa kusukela esangweni kuze kube sesangweni, kwaba ngamakhubhithi ayikhulu.
24 Wayesengiyisa ngaseningizimu; lapho kwakukhona isango lingaseningizimu. Wazilinganisa izinsika zalo nemiphemegumbi yalo njengezilinganiso ezishiwo ngenhla.
25 Kwakukhona amafasitela kulo nasemiphemeni yalo nxazonke, kufana namafasitela abalulwe ngenhla; ubude babungamakhubhithi angama-50 nobubanzi bungamakhubhithi angama-25.
26 Kwakukhona izitebhisi eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, kunemiphemegumbi phambi kwazo; lalinamasundu, lilodwa ngapha nangapha ezinsikeni zalo.
27 Isango legceke elingaphakathi lalingaseningizimu; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni ngaseningizimu, kungamakhubhithi ayikhulu.
28 Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango eliseningizimu; walilinganisa lelo sango njengezilinganiso ezibalulwe ngenhla.
29 Amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo kwakufana nezilinganiso ezibalulwe ngenhla, kukhona amafasitela kulo nasemiphemenigumbi nxazonke; ubude balo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi balo bungamakhubhithi angama-25.
30 Kwakukhona imiphemegumbi nxazonke, ubude bayo bungamakhubhithi angama-25, ububanzi bayo bungamakhubhithi ayisihlanu.
31 Imiphemegumbi yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu esezinsikeni zalo; kwakukhushukelwa kulo ngezitebhisi eziyisishiyagalombili.
32 Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso ezishiwo ngenhla,
33 amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo kwakunjengezilinganiso ezibalulwe ngenhla, kukhona amafasitela kulo nasemiphemenigumbi yalo nxazonke; ubude babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25.
34 Imiphemegumbi yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu esezinsikeni zalo, ngapha nangapha; kwakukhushukelwa kulo ngezitebhisi eziyisishiyagalombili.
35 Wayesengiyisa esangweni elisenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso ezibalulwe ngenhla,
36 amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo; lalinamafasitele nxazonke; ubude bungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25.
37 Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayesezinsikeni zalo ngapha nangapha; kwakukhushukelwa kulo ngezitebhisi eziyisishiyagalombili.
38 Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; babewugezela lapho umnikelo wokushiswa.
39 Emphemenigumbi wesango kwakukhona amatafula amabili ngapha nangapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa, umnikelo wesono nomnikelo wecala.
40 Eceleni ngaphandle lapho kwakukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho, kukhona amatafula amabili, emabili futhi nakolunye uhlangothi olungasemphemenigumbi wesango.
41 Amatafula amane ayengapha nangapha eceleni kwesango, amatafula ayeyisishiyagalombili ababehlabela kuwo.
42 Amatafula amane omnikelo wokushiswa ayenziwe ngamatshe abaziweyo, ubude buyikhubhithi nengxenye, ububanzi buyikhubhithi nengxenye, nokuphakama kuyikhubhithi; babebeka phezu kwawo lokho ababekusebenzisa uma behlaba, benza umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.
43 Izingwegwe, ubude bazo obabungangobubanzi besandla, zazifakwe ngaphakathi nxazonke. Kwakukhona inyama yomnikelo ematafuleni.
44 Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli esegcekeni elingaphakathi, elaliseceleni kwesango elisenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango elisempumalanga, libheke ngasenyakatho.
45 Wathi kimi: “Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabaphristi abagcina inkonzo yasendlini.
46 Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabaphristi abagcina inkonzo yase-althare, abangamadodana kaZadoki, okuyibo emadodaneni kaLevi, angasondela kuSimakade ukuba amkhonze.”
47 Wayeselilinganisa igceke, ubude balo babungamakhubhithi ayikhulu, nobubanzi bungamakhubhithi ayikhulu, kuyizinhlangothi ezine; i-althare laliphambi kwendlu.
48 Wayesengingenisa emphemenigumbi wendlu, walinganisa izinsika zomphemegumbi: kungamakhubhithi ayisihlanu ngapha nangapha; ububanzi besango babungamakhubhithi amathathu ngapha nangapha.
49 Ubude bomphemegumbi babungamakhubhithi angama-20, nobubanzi bungamakhubhithi ali-11 ngasezitebhisini okwakukhushukelwa ngazo kulo; kukhona nezibonda ngasezinsikeni, ngapha nangapha.