Ezekiel 39
1 “Wena ndodana yomuntu, phrofetha umelane noGogi, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe, Gogi, sikhulu sakwaRoshe, eMeshekhe naseThubhali.
2 Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyusele ezindaweni ezikude ezisenyakatho, ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli,
3 ngiwushaye umnsalo osesandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esesandleni sakho sokunene.
4 Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho wonke, nezizwe ezikanye nawe, ngikunikele kuzo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo ezidla inyama, nasezilwaneni zasendle ukuba zikudle.
5 Uyakuqumbeka phansi ebusweni bomhlaba, ngokuba Mina ngikhulumile,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
6 “ ‘ “Ngiyakuthumela umlilo kuMagogi, nakulabo abahlala ngokulondeka eziqhingini; bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.
7 “ ‘ “Ngiyakukwenza ukuba igama lami elingcwele laziwe phakathi kwabantu bami, u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, oNgcwele kwa-Israyeli.
8 Uyabona-ke, kuyeza, futhi kuzokwenzeka; yilolo-ke usuku engikhulume ngalo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
9 “ ‘ “Abahlala emizini yakwa-Israyeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise izihlangu, amahawu, iminsalo, imicibisholo, izinduku, nemikhonto, konke lokho bayakubasa ngakho umlilo, iminyaka eyisikhombisa.
10 Abayukutheza zinkuni endle, abayukugawula emahlathini, ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali, baphange ababaphangayo, baqhwage impahla yalabo ababaqhwagayo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
11 “ ‘ “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginike uGogi indawo yokungcwaba kwa-Israyeli, isigodi salabo abedlula empumalanga yolwandle, abavimbe abadlulayo, bayakumngcwaba lapho uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isigodi iHamoni Gogi.
12 “ ‘ “Indlu yakwa-Israyeli iyakubangcwaba izinyanga eziyisikhombisa, ukuze ilihlambulule izwe.
13 Bonke abantu bezwe bayakubangcwaba, lokho kuyakuba ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
14 “ ‘Bayakubakhetha njalo abantu abayakudabula ezweni, behamba bengcwaba labo ababathola bedindilizile ezweni, ukuba balihlambulule izwe izinyanga eziyisikhombisa.
15 Kuyakuthi uma labo abahamba bedabula ezweni bebona ithambo lomuntu, babeke uphawu eceleni kwalo, ukuze kuthi labo abangcwabayo balingcwabe esigodini iHamoni Gogi.
16 Kuyakuba khona omunye umuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni. Bayakulihlambulula kanjalo-ke izwe.’
17 “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Tshela izinyoni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izilwane zasendle, uthi: “Qoqanani, nihlangane ndawonye nisuka nxazonke, nize emhlatshelweni wami enginihlabele wona, ngumhlatshelo omkhulu osezintabeni zakwa-Israyeli; niyakuzitika ngenyama, niphuze igazi.
18 Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zezwe, elezinqama, elamawundlu, elezimbuzi nelazo zonke izinkunzi ezikhulupheleyo zaseBhashani.
19 Niyakudla amanoni nize nisuthe, niphuze igazi nize nidakwe, emhlatshelweni wami enginihlabele wona.
20 Etafuleni lami niyakudla nisuthe inyama yamahhashi, eyabagibeli bawo, eyamaqhawe, neyawo wonke amabutho empi,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
21 “Inkazimulo yami ngiyakuyibonakalisa ezizweni, zonke izizwe ziyakukubona ukwehlulela kwami engikwenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.
22 Indlu yakwa-Israyeli iyakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wayo, kusukela ngalolo lusuku.
23 Izizwe ziyakukwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yaya ekuthunjweni ngenxa yokona kwayo. Ngokuba babengathembekile kimi, ngase ngibusitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bafa bonke ngenkemba.
24 Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngabusitheza ubuso bami kubo.
25 “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.
26 Bayakulikhohlwa ihlazo labo, nakho konke ukungethembeki kwabo abakwenze kimi, lapho sebehleli ngokulondeka ezweni lakubo, kungekho muntu obesabisayo,
27 ngesikhathi sengibabuyisile ezizweni, ngabaqoqa emazweni ezitha zabo; ngizibonakalisa ngawe ngingcwele emehlweni ezizwe eziningi.
28 Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo, ngabayisa ekuthunjweni, ngiyakubaqoqa ukuba babuyele ezweni lakubo, futhi angiyukushiya noyedwa lapho;
29 angisayukubusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli,’ ” kusho iNkosi uSimakade.