Ezekiel 24
1 Izwi likaSimakade lafika kimi ngonyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi enyangeni, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolu lusuku; inkosi yaseBhabhele seyilivimbezele iJerusalema ngalolu lusuku.
3 Khuluma ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Beka ibhodwe emlilweni, libeke, uthele amanzi kulo.
4 Faka kulo isitho senyama, isitho senyama enhle; umlenze nomkhono. Ligcwalise ngamathambo ekhethelo.
5 Thatha okukhethekileyo emhlanjini, ukhwezele izikhuni phansi kwalo, uligxabhise impela, kuphekwe namathambo kulo.”
6 “ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Maye, kumuzi ochitha igazi, ibhodwe elinokugqwala, nokugqwala kwalo okungasukanga kulo! Khipha kulo isitho nesitho, nakuba ungadliwanga wunkatho.
7 “ ‘ “Ngokuba igazi elilichithile likuwo; lilichithele edwaleni elingenalutho; alilichithelanga emhlabathini ukuba limbozwe wuthuli.
8 Igazi lawo ngalichithela edwaleni elingenalutho, ukuba lingambozwa yilutho, ukuze kuvuswe ulaka lwami, ngiziphindiselele.
9 “ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “ ‘Maye, kumuzi ochitha igazi! Nami futhi ngiyakuzifaka kakhulu izinkuni.
10 Nqwabela izinkuni, ukhwezele umlilo, uqothule inyama, kushe umhluzi, ashiswe angqongqe namathambo.
11 Bese ulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe kulo ukungcola kwalo, kuqedwe ukugqwala okukulo.
12 Lizikhathazele ize, nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphelanga kulo; ukugqwala kwalo makube semlilweni.’ ”
13 “ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.
14 “ ‘Mina Simakade ngikukhulumile lokho; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyukukuyeka, angiyukuhawukela, angiyukuzisola. Uyakwehlulelwa njengokuziphatha kwakho nangezenzo zakho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.
15 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
16 “Ndodana yomuntu, ngiyakususa kuwe okunxanelekayo emehlweni akho ngokuphazima kweso, kepha ungakhali, ungakhihli sililo, futhi kungaphumi zinyembezi kuwe.
17 Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”
18 Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kwathi kusihlwa umkami wafa; ngakusasa ekuseni ngenza njengalokhu ngiyaliwe.
19 Abantu bangibuza, bathi: “Kusho ukuthini kithi lokhu okwenzayo na?”
20 Ngathi kubo: “Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
21 ‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.
22 Niyakwenza njengoba ngenzile: aniyukuwamboza amadevu enu, ningakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.
23 Imishuqulu yenu iyakuba semakhanda enu, nezimbadada zenu ezinyaweni zenu; ningakhali, ningasikhihli isililo, kodwa-ke niyokonda ngenxa yeziphambeko zenu, nibubulelane omunye komunye.
24 UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakukwenza konke akwenzayo. Kuyakuthi lapho sekwenzekile lokhu, bese niyazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.” ’
25 “Wena ndodana yomuntu, angithi ngalolo lusuku engiyosusa ngalo inqaba yabo, intokozo yobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, okulangazelelwa ngumphefumulo wabo, amadodana abo namadodakazi abo,
26 angithi ngalolo lusuku ophunyukileyo uyakuza kuwe, akubikele ngalezo zindaba na?
27 Ngalolo lusuku umlomo wakho uyakuvulwa; wena uyakukhuluma nophunyukileyo, ungabe usaba yisimungulu. Uyakuba yisibonakaliso kubo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”