Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Ezekiel 25

:
Zulu - 2020
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uphrofethe ngabo, umelene nabo,
3 uthi kubo: ‘Zwanini izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba wathi ashila kuyo indlu yami engcwele lapho ingcoliswa, nakulo izwe lakwa-Israyeli ngesikhathi lenziwa incithakalo, nakuyo indlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,
4 ngakho-ke sengizokunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo. Bayakukanisa kuwe, bamise amathende abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze nobisi lwakho.
5 IRabha ngiyakulenza libe yidlelo lamakameli, abakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa izimvu, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.
6 Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: njengoba ushaye ihlombe, wagidagida ngezinyawo, wathokoza ngabo bonke ububi obusenhliziyweni yakho, umelene nezwe lakwa-Israyeli,
7 ngalokho-ke ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngimelane nawe, ngikunikele ukuba ube yimpango ezizweni. Ngiyakukususa kubantu, ngikushabalalise emazweni, ngikubhubhise, uyakukwazi ukuthi nginguSimakade.”
8 “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba uMowabi neSeyiri bathe: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke ezinye izizwe,”
9 ‘uyabona-ke manje, sengizowuvula umthambeka kaMowabi, angabe esaba namizi, kusukela emizini esemingceleni, indawo enhle yezwe: iBhethi Jeshimothi, iBhali Mehoni, neKiriyathayimi,
10 bese ngiwunika abasempumalanga nabakwa-Amoni, ube yifa labo, ukuze abantu bakwa-Amoni bangabe besakhunjulwa ezizweni.
11 Ngiyakwehlisela isijeziso phezu kukaMowabi, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’
12 “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba u-Edomi uziphindiselele endlini yakwaJuda, usenecala elikhulu ngokwedlulele njengoba eziphindiselele kubo.
13 Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi ngimelane naye, ngibulale abantu nezilwane, ngimenze abe yincithakalo kusukela eThemani kuze kube seDedani, bayakufa ngenkemba.
14 Ngiyakuziphindiselela ku-Edomi ngesandla sabantu bami, u-Israyeli; bayakwenza kwa-Edomi ngokwentukuthelo yami nangokolaka lwami, bayakuyazi-ke impindiselo yami, kusho iNkosi uSimakade.”
15 “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba amaFilisti aziphindiselele, ephindisela nokuphindisela ngobubi obusenhliziyweni yawo, ukuba abhubhise ngenzondo engapheliyo,
16 ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizokwelulela isandla sami kumaFilisti, ngimelane nawo, ngiwabulale amaKherethi, ngibhubhise insali esogwini lolwandle.
17 Ngiyakuziphindiselela ngokwedlulele kubo, ngezijeziso zolaka lwami; bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengiziphindiselele kubo.’