Ezekiel 23
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili, amadodakazi amfazi munye.
3 Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.
4 Amagama abo ngu-Ohola, okunguyena omdala, no-Oholiba udadewabo; babengabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo yilawa: u-Ohola yiSamariya kuthi u-Oholiba kube yiJerusalema.
5 “U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abangamabutho empi,
6 ababembethe okuluhlaza, ababusi, izikhulu, izinsizwa zonke ezingamageza, nabagibeli bamahhashi.
7 Wazinikela kubo, wafeba nabo, bengamadoda akhethekileyo ase-Asiriya; bonke wabakhanukela, wayesezingcolisa yena ngazo zonke izithombe zabo.
8 Nokho akabuyekanga ubufebe bakhe ayebuqale eGibhithe, ngokuba balala naye kusukela ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathululela kuye ubufebe babo.
9 “Ngalokho-ke ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, esandleni sabase-Asiriya abakhanukelayo.
10 Bamambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe. Yena bambulala ngenkemba, waba yisaga kwabesifazane, futhi wehlulelwa.
11 “Udadewabo u-Oholiba wakubona lokho, kodwa wonakala ngokwedlulele kunaye ekukhanukeni kwakhe, nasebufebeni bakhe obabedlula obukadadewabo.
12 Wakhanukela abase-Asiriya, izikhulu, ababusi, namabutho empi, ababehlobe ngemvunulo, bengabagibeli bamahhashi, bonke beyizinsizwa ezingamageza.
13 Ngabona ukuthi naye uzingcolisile; bobabili bahamba ndlelanye.
14 “Wanezezela ebufebeni bakhe, ngokuba wabona amadoda ayedwetshwe odongeni, imifanekiso yamaKhaledi eyayidwetshwe ngebomvu,
15 ebophe amabhande okhalo lwawo, ethwele amaqhiya emakhanda, wonke ebukeka njengezikhulu zaseBhabhele, edabuka eKhaledi.
16 Kwathi nje lapho ewabona, wawakhanuka, wathumela kuwo izithunywa eKhaledi.
17 Amadodana aseBhabhele eza kuye, alala naye, amngcolisa ngobufebe bawo; kwathi lapho esemngcolisile, amshiya dengwane.
18 Wabambula ubufebe bakhe, nobunqunu bakhe. Ngazehlukanisa naye njengoba ngangimlaxazile nodadewabo.
19 Kepha wabandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe ayefebe ngazo eGibhithe.
20 Wawakhanukela amashende alapho, azinduku zawo zinjengezinduku zezimbongolo, nemiphambili yawo echitha njengeyamahhashi.
21 Wakulangazelela ukukhanuka kobusha bakho useseGibhithe, lapho izingono zakho zamabele obusha bakho zazipotozwa khona.
22 “Ngalokho-ke Oholiba, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho owehlukene nazo, ngizilethe kuwe zivela macala wonke,
23 abaseBhabhele, amaKhaledi wonke, iPhekodi, iShowa, iKhowa, bonke abase-Asiriya, izinsizwa ezingamageza, ababusi, nezikhulu zabo, nazo zonke izikhulu ezaziwa ngabagibeli bamahhashi,
24 bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.
25 Ngiyakumelana nawe ngenxa yesikhwele enginaso ngawe, bakuphathe ngonya, banqume ikhala lakho nezindlebe zakho, kuthi abaseleyo bakini, bafe ngenkemba. Bayakuthatha amadodana akho namadodakazi akho, bese kuthi insali yakini, idliwe ngumlilo.
26 Bayakukuhlubula izingubo zakho, bakuqhwage imvunulo yakho ohlobe ngayo.
27 Ngiyakuyiqeda nya inkanuko yakho nobufebe bakho owabuqala kusukela eGibhithe. Awuyukukubheka lokho ngokukulangazelela, ungabe usalikhumbula futhi iGibhithe.’
28 “Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakukunikela esandleni salabo obazondayo, esandleni salabo umphefumulo wakho owehlukane nabo usubenyanya.
29 Bayakukuphatha ngenzondo, bakuqhwage konke lokho osukusebenzele, bakuphundle, usale unqunu, ubunqunu bobufebe bakho bube sobala. Ukukhanuka kwakho nobufebe bakho
30 yikhona okwenze lokho kuwe, ngokuba ufebile, walandela abezizwe, wazingcolisa wena uqobo ngezithombe zabo.
31 Uhambe ngendlela kadadewenu, ngalokho-ke ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.’
32 “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Uyakuphuza endebeni kadadewenu ejulileyo, futhi ebanzi, iyakwenza ukuba uhlekwe usulu, futhi wedelelwe, iqukethe okuningi.
33 Uyakugcincwa ngokudakwa nosizi: indebe yokwesabekayo neyencithakalo, indebe kadadewenu iSamariya.
34 Uyakuphuza kuyo, uze uyiminye, uyiphihlize ibe yizingcezu; uklwebhe amabele akho, ngokuba Mina ngikhulumile,’ kusho iNkosi uSimakade.
35 “Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba ungikhohliwe Mina, wangifulathela, uyakukuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.’ ”
36 Wayesethi uSimakade kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubehlulela yini o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke ngezinengiso zabo.
37 Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphinge nezithombe zabo, kwathi abantwana abangizalela bona babadabulisa emlilweni, baba ngukudla kwazo.
38 Benza lokhu futhi kimi: ngalolo lusuku abangcolisa ngalo indlu yami engcwele, bawona namasabatha ami.
39 Kwathi ngalolo lusuku benzela izithombe zabo umhlatshelo ngabantwana babo, base beya endlini yami engcwele ukuba bayingcolise. Uyabona, benza kanjalo-ke endlini yami.
40 “Bathumela izithunywa ukuba zilande amadoda avela kude. Kwathi lapho efika, wena wageza ngenxa yawo, wagqaba amehlo akho, wahloba ngobucwebecwebe,
41 wahlala esihlalweni esihle esintofontofo; itafula elilungisiweyo laliphambi kwaso, wabeka kulo impepho yami namafutha ami.
42 “Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawuzwakala lapho; kwalethwa nezidakwa zasehlane, bazifaka amabhengele ezandleni zazo, nemiqhele emihle emakhanda azo.
43 Ngase ngithi ngalo osephele nya ngukufeba: ‘Impela bayakufeba naye, naye afebe nabo, ngokuba yilokho ayikho.’
44 Balala naye njengalokhu amadoda elala nesifebe; balala kanjalo-ke no-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.
45 Abantu abalungileyo bayakubehlulela ngokwehlulelwa kowesifazane ophingayo nangokwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingi, futhi negazi lisezandleni zabo.
46 “Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakuletha kubo isixuku esiyakumelana nabo, ngibanikele ekusatshisweni nasekuphangweni.
47 Isixuku siyakubakhanda ngamatshe, sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sizishise ngomlilo izindlu zabo.
48 “ ‘Ngiyakukuqeda nya ukukhanuka ezweni, ukuze baxwayiswe bonke abesifazane ukuba bangakhanuki njengoba bekwenza nina.
49 Bayakukuphindisela kini ukukhanuka kwenu, nizithwale nina izono zezithombe zenu, niyakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.’ ”