Ecclesiastes 72020

1Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.

2Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.

3Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula.

4Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.

5Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula.

6Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.

7Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula, ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo.

8Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.

9Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.

10Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zasemandulo zazingcono kunezanamuhla na?” Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni.

11Ukuhlakanipha kuhle njengefa, futhi kusiza labo abasalibona ilanga.

12Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.

13Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?

14Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.

15Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.

16Ungabi ngolunge kakhulu, ungazenzi ohlakaniphe ngokwedlulele; uzibhubhiselani na?

17Ungabi ngokhohlakele kwaze kweqa, noma oyisiwula; ufunelani ukufa kungakabi yisikhathi sakho na?

18Kuhle ukuthi ukubambe lokhu; ungasisusi isandla sakho kukho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyaphumelela kukho konke.

19Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.

20Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.

21Ungayibeki inhliziyo yakho kukho konke okushiwo ngabantu, funa uzwe inceku yakho ikuqalekisa.

22Inhliziyo yakho iyazi ukuthi nawe uhlale ubaqalekisa abanye.

23Konke lokhu ngikuhlolisise ngokuhlakanipha; ngase ngithi: “Ngizohlakanipha,” kodwa ukuhlakanipha kwaba kude nami.

24Okusemajukujukwini nokusekujuleni, ngubani ongakufumana na?

25Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.

26Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.

27“Yilokhu-ke engikutholile,” kusho uMshumayeli. “Ngihlanganisa lokhu nalokhu ukuze ngithole umphumela,

28ingqondo yami esiwucinge iphindelela, kodwa ingawufumani. Ngathola indoda eyodwa phakathi kwayinkulungwane, kodwa angimtholanga owesifazane phakathi kwakho konke lokho.

29Yilokhu kodwa engakuthola, ukuthi uNkulunkulu wabenza abantu baba qotho, kodwa bona bazisungulela amaqhinga amaningi.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Ecclesiastes 7.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.