Ecclesiastes 62020

1Ngabona enye into embi phansi komthunzi welanga, futhi ingumthwalo onzima emahlombe abantu.

2UNkulunkulu umuntu umuphe ingcebo, impahla, nodumo ukuze angesweli lutho alufisayo, kepha uNkulunkulu akamniki amandla okukudla; kufika umfokazi azitike ngakho, lokho kuyize; kungukushaywa kabuhlungu.

3Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,

4ngokuba kufikela ezeni, kuye ebumnyameni, ubumnyama buyaligqiba igama lakho.

5Akulibonanga ilanga, akwazi lutho, kodwa khona kuthola ukuphumula kunaye.

6Ngisho angaphila iminyaka eyinkulungwane ephindwe kabili, kepha engehlelwa ngokuhle, kanti bonke abayi yini endaweni eyodwa na?

7Konke umuntu akusebenzelayo kuya emlonyeni wakhe, kodwa akaneliswa.

8Umuntu ohlakaniphile ungcono ngani koyisiwula na? Umuntu ompofu, okwazi ukuziphatha kahle phambi kwabantu, utholani na?

9Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

10Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.

11Ngokwanda kwamazwi, kwanda nokuyize, umuntu ngabe ungcono ngani na?

12Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Ecclesiastes 6.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.