Ecclesiastes 52020

1Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.

2Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.

3Ngokuba iphupho livela nemisebenzi eminingi; nezwi lesiwula linamagama amaningi.

4Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.

5Kungcono ukungasenzi isifungo kunokuba ufunge kodwa ungafezi.

6Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?

7Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.

8Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.

9Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu.

10Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize.

11Uma impahla yanda, bayanda nabayidlayo; uzuzani umnikazi ngaphandle kokubuka ngeso na?

12Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo.

13Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.

14Lowo mcebo walahleka ngendlela embi, ngisho nendodana ayizalayo ayangathola lutho.

15Njengalokhu umuntu aphuma enqunu esizalweni sikanina, kanjalo nalapho esehamba, uyohamba enjalo, kukho konke akusebenzile akukho lutho ayohamba nalo esandleni.

16Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na?

17Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni.

18Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.

19Wonke umuntu uNkulunkulu amuphe umcebo, nempahla, namandla, makakuthokozele, asamukele isipho sakhe, ajabule ngomshikashika wakhe; lokhu kuyisipho asiphiwe nguNkulunkulu.

20Akayukuzikhumbula kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, ngokuba uNkulunkulu uhlala emgcwalise ngenjabulo enhliziyweni yakhe.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Ecclesiastes 5.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.