Ecclesiastes 42020

1Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.

2Ngacabanga ukuthi asebefile bangcono kunalabo abasaphila;

3kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga.

4Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

5Isiwula sisonga izandla zaso, sidle inyama yaso.

6Singcono isandla esisodwa esigcwele ukuthula, kunezimbili ezigcwele umshikashika, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

7Ngabuye ngabona ize phansi komthunzi welanga:

8umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.

9Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomshikashika wabo.

10Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa!

11Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?

12Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.

13Ungcono umuntu osemusha oswele kodwa ohlakaniphile, kunenkosi endala eyisiwula, engasemukeli iseluleko.

14Umuntu angaphuma ejele abuse, ngisho noma ezalwe engompofu embusweni.

15Ngabona abaphilayo behla benyuka phansi komthunzi welanga, belandela lowo muntu omusha owayezothatha isikhundla sobukhosi;

16babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Ecclesiastes 4.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.